Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 9:10 - IsiZulu 2020

10 Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuze indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kodwa uMefibhoshethi, indodana yenkosi yakho, uyakudla njalo etafuleni lami.” UZiba wayenamadodana ali-15 nezinceku ezingama-20.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kepha uMefibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami.” USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngakho wena namadodana akho nezinceku zakho kumelwe nimlimele insimu, futhi kumelwe nilethe izithelo, ukuze indodana yenkosi yenu ibe nokudla okudliwayo; kepha uMefibosheti, indodana yenkosi yakho, uyakudla njalo etafuleni lami. USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 9:10
10 Referans Kwoze  

UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba ngiyakukwenzela impela umusa ngenxa kaJonathani, uyihlo; ngizokubuyisela lonke izwe likamkhulu wakho, uSawule; uyakudla njalo etafuleni lami.”


Ngokuba bonke abendlu kababa kwakufanele ukuba bafe, kodwa inkosi yami yayibeka inceku yayo nalabo abadla etafuleni layo. Ngisenalungelo lini ukuba ngingabuye ngikhale enkosini na?”


Esekuzwile lokho omunye wababehlezi naye esidlweni, wathi kuye: “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.”


Wamkhumula izingubo ayezigqoka ejele, wadla naye njalo, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


Inkosi yayisithi: “Iphi indodana yenkosi yakho?” UZiba wathi enkosini: “Ihleli eJerusalema ngokuba yathi: ‘Namuhla indlu ka-Israyeli izowubuyisela kimi umbuso kababa.’ ”


Inkosi nokho yamshiya uMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, ngenxa yesifungo kuSimakade abasenza esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani, indodana kaSawule.


“Kepha ube nomusa kumadodana kaBharizilayi wakwaGileyadi, abe phakathi kwabadla ngasefatuleni lakho, ngokuba enza kanjalo kimi, mhlazana ngibalekela u-Absalomu, umfowenu.


Isabelo sakhe kwakuyisabelo esingapheli semihla ngemihla, asiphiwa yinkosi yaseBhabhele, zonke izinsuku zokuphila kwakhe, kwaze kwaba lusuku afa ngalo.


Kwawela isikebhe sokuweza abendlu yenkosi, okuyisenzo esaba sihle emehlweni ayo. UShimeyi, indodana kaGera, wakhothama wathi mbo phansi ngobuso phambi kwenkosi, ngesikhathi iwela iJordani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite