Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 8:6 - IsiZulu 2020

6 UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku, ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UDavida wamisa abalindi eSiriya eDamaseko; ama-Aramu aba yizigqili zikaDavida aletha izipho. UJehova wamvikela uDavide yonke indawo ayeya kuyo.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 8:6
26 Referans Kwoze  

Wamisa amabutho akhe kulo lonke elakwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.


Simakade, Nkosi yami, mandla ensindiso yami, uvikela ikhanda lami ngosuku lwempi.


Wakanisa impi kuyo yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo, wabeka amabutho kwaJuda nasemizini yakwa-Efrayimi eyayinqotshwe nguyise u-Asa.


Nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elidumileyo njengegama labantu ababalulekile emhlabeni.


Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukunqoba kungokukaSimakade.


Wamisa amabutho kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wenza uDavide ukuba anqobe noma kuphi lapho ayeya khona.


UDavide ngaleso sikhathi wayesenqabeni, ibutho lamaFilisti liseBhethlehema.


Wabanqoba nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa phansi emhlabathini. Bonke abalinganiswa kabili ngobude bentambo babulawa, kwathi labo abalinganiswa kanye ngobude bayo bayekwa baphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.


Manje-ke yenzani lokho, ngokuba uSimakade ukhulumile kuDavide, wathi: ‘Ngenceku yami uDavide, ngiyobasindisa abantu bami, u-Israyeli, emandleni amaFilisti nakuzo zonke izitha zabo.’ ”


Kwaba khona ukuthuthumela enkanjini, endle, nakubo bonke abantu. Ibutho nabaphangi bathuthumela, umhlaba wazamazama, kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”


Langa limbe uJonathani, indodana kaSawule, wathi odibini lwakhe: “Woza siwele, siye ebuthweni lamaFilisti elingaphesheya.” Kepha akamazisanga uyise ngalokho.


UJonathani wabhubhisa ibutho lamaFilisti elalikanise eGebha, amaFilisti ezwa ngalokho. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “AmaHebheru mawezwe!”


UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazingezezinceku zikaHadadezeri, waziletha eJerusalema.


Wonke amakhosi ayeyizinceku zikaHadadezeri, lapho ebona ukuthi u-Israyeli uwanqobile, enza isivumelwano soxolo no-Israyeli, akhonza phansi kuka-Israyeli. Ama-Aramu esaba ukubuye abasize futhi abantu bakwa-Amoni.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


UDavide waya ngokuya edlondlobala, ngoba uSimakade uNkulunkulu Wamabandla wayenaye.


Emva kokufa kuka-Ahabi, uMowabi wamvukela u-Israyeli.


UMesha, inkosi yakwaMowabi, wayengumfuyi wezimvu, wathela enkosini yakwa-Israyeli ngoboya bamawundlu ayizi-100 000 nobezinqama eziyizi-100 000.


Ezinye izindaba zikaJerobhowamu, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, nokulwa kwakhe, nokubuyisela kwakhe ku-Israyeli iDamaseku neHamathi elalingelakwaJuda, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?


USimakade waba naye noma kuphi lapho ayeya khona, wachuma, wayihlubuka inkosi yase-Asiriya, akabe esayikhonza.


Nkulunkulu, akuWena yini osilahlileyo na? Awusaphumi namabutho ethu, Nkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite