Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 8:2 - IsiZulu 2020

2 Wabanqoba nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa phansi emhlabathini. Bonke abalinganiswa kabili ngobude bentambo babulawa, kwathi labo abalinganiswa kanye ngobude bayo bayekwa baphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Washaya nabakwaMowabi, wabalinganisa ngentambo, wabalalisa emhlabathini, wabalinganisa ngezintambo ezimbili abayakubulawa nangentambo epheleleyo abayakusindiswa. AbakwaMowabi base beba yizinceku zikaDavide, bathela intela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wabanqoba abakwaMowabi, wabalinganisa ngomucu wokulinganisa, wabaphonsa phansi; walinganisa ngezintambo ezimbili zokulinganisa ukubulala, nangomucu owodwa ogcweleyo ukugcina uphila. AbakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, baletha izipho.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 8:2
22 Referans Kwoze  

“Ngiyambona, kodwa hhayi manje; ngiyambheka, kodwa akekho eduze. Kuyovela inkanyezi kuJakobe; intonga yobukhosi iyovuka kwa-Israyeli, iphohloze uMowabi nxazonke, ichithe amadodana kaSethi;


UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela, ngiphonsa isicathulo sami phezu kuka-Edomi. Filistiya, hlokoma ngenjabulo ngenxa yami.”


UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.


Kepha abantu abakhohlakele, bathi: “Uyakusisindisa kanjani lona na?” Bambukela phansi, abaze bamnika sipho, kodwa wazithulela nje.


“Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba isho kanje inkosi yase-Asiriya, ithi: ‘Yakhani uxolo nami, niphume nize kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,


UMowabi uyisitsha sami sokugezela; phezu kuka-Edomi ngiphonsa isicathulo sami; phezu kweFilistiya, ngimemeza ngokunqoba.”


Abakwa-Amoni bathela intela ku-Uziya. Igama lakhe laduma laze layofika eGibhithe, ngokuba wakhombisa ukudlondlobala ngamandla.


Wamnqoba uMowabi; abakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela kuye.


UShalimenazeri, inkosi yase-Asiriya, wenyuka ukuba amhlasele. UHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathumela kuye intela.


Emva kokufa kuka-Ahabi, uMowabi wamvukela u-Israyeli.


Abantu ababekuwo wabakhipha, wababulala ngamasaha, ngezibhulo zensimbi, nangamazembe ensimbi, abanye wabasebenzisa ukubumba izitini. Lokho wakwenza kuyo yonke imizi yakwa-Amoni. UDavide, nabo bonke abantu, babuyela eJerusalema.


Lapho uSawule esewuthathile umbuso kwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe ezazimzungeze nxazonke: abakwaMowabi, abakwa-Amoni, abakwa-Edomi, amakhosi aseZobha namaFilisti; noma kuphi lapho ayeya khona wayefike avale ngehlahla.


amathende ka-Edomi aka-Ishmayeli, akaMowabi nakaHagari,


UDavide wasuka lapho, waya eMizpha, kwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ngicela ukuba ungikhoselisele ubaba nomama, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakungenzelani.”


Wabayisa enkosini yakwaMowabi, bahlala nayo zonke izinsuku uDavide esenqabeni.


USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke, kusukela emfuleni kuze kube sezweni lamaFilisti nasemngceleni eGibhithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.


Abafokazi babuna, baphuma ezinqabeni zabo begubhazela.


Nkulunkulu, akuWena yini osilahlileyo na? Awusaphumi namabutho ethu, Nkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite