Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 7:9 - IsiZulu 2020

9 Nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elidumileyo njengegama labantu ababalulekile emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nganginawe nomaphi lapho uya khona, ngachitha zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elikhulu njengegama labakhulu emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 7:9
23 Referans Kwoze  

UDavide waya ngokuya edlondlobala, ngoba uSimakade uNkulunkulu Wamabandla wayenaye.


Nganginawe noma kuphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho. Ngiyakwenza igama lakho libe njengamagama abakhulu abasemhlabeni.


UDavide wamisa amabutho akhe e-Aramu eDamaseku. Ama-Aramu aphenduka izinceku zikaDavide, athela kuye intela. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.


UDavide waba nempumelelo kuzo zonke izindlela zakhe; uSimakade wayenaye.


Wamisa amabutho akhe kulo lonke elakwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. USimakade wamhlenga uDavide noma kuphi lapho ayeya khona.


Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana.


Izitha zakhe ngiyozichoboza ebuka, ngibhubhise abamzondayo.


Ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.


Uyamvusa ompofu othulini, uyayiphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izisekelo zomhlaba zingezikaSimakade; ubekile izwe phezu kwazo.


UDavide washo amazwi aleli hubo kuSimakade, ngosuku uSimakade amsindisa ngalo esandleni sazo zonke izitha zakhe nasesandleni sikaSawule imbala,


USawule wafa namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo lusuku.


Umphongolo kaNkulunkulu base bewuthuthela e-Ekhroni. Kwathi lapho ufika e-Ekhroni, abantu base-Ekhroni bakhala, bathi: “Balethe lapha lo mphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli ukuba asibulale thina nabantu bakithi.”


UDavide wayesezenzele igama ekubuyeni kwakhe, wayesebulele ama-Aramu ayizi-18 000 eSigodini Sikasawoti.


Lawa ngamazwi kaDavide okugcina. “Amazwi okugcina kaDavide, indodana kaJese, umuntu owaphakanyiswa nguNkulunkulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu ka-Jakobe, nomhlabeleli wezingoma ezimnandi kwa-Israyeli, uthi:


USimakade wayenaye uJoshuwa, udumo lwakhe lwagcwala ezweni lonke.


Kwakuthi njalo lapho kuhlasela abakhuzi bempi yamaFilisti, uDavide wayehlabana ngokudlulele kunazo zonke izinceku zikaSawule; igama lakhe laduma kakhulu.


Ngabashaya ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabadovadova njengodaka emgwaqweni.


Ngokuba uyibeke ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyenza ithokoze, ijabule ngobukhona bakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite