Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 7:2 - IsiZulu 2020

2 inkosi yathi kuNathani, umphrofethi: “Bheka, mina ngihlala esigodlweni esakhiwe ngemisedari, kodwa umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwamakhethini, ethendeni.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yokhuni lomsedari, kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala ngaphakathi kwezilenge.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 7:2
24 Referans Kwoze  

UHiramu, inkosi yaseThire, wathumela izithunywa kuDavide, nemisedari, nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide isigodlo.


USimakade wayesethuma uNathani kuDavide. Wafika kuye wathi: “Kwakukhona amadoda amabili emzini munye, enye icebile, enye impofu.


owafumana umusa phambi kukaNkulunkulu, wacela ukwenzela uNkulunkulu kaJakobe idokodo.


Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyakungidla.”


“Ngabe sekuyisikhathi senu yini lesi sokuba nihlale ezindlini zenu ezihlotshisiwe, ekubeni le ndlu iyincithakalo, na?”


Izinto ezenziwa nguDavide ekuqaleni nasekugcineni, zonke zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, encwadini yezindaba zikaNathani umphrofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni.


Bawungenisa umphongolo kaNkulunkulu, bawubeka phakathi nethende uDavide ayelimisele wona. Base benikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaNkulunkulu.


ngingakamtholeli uSimakade indawo, indlu yonguMninimandla kaJakobe.”


Kepha umphongolo kaNkulunkulu ayewukhuphulile uDavide eKiriyathi Jeharimi, wayiswa ethendeni uDavide ayelimisele wona, eJerusalema.


Inkosi yaseThire, uHiramu, yathumela izithunywa kuDavide, imisedari, abakhi nababazi ukuba bayomakhela indlu.


UNathani wawakhuluma kuDavide wonke lawo mazwi nakho konke lokho akubonile.


Bawungenisa umphongolo kaSimakade, bawubeka endaweni yawo, phakathi nethende uDavide ayelimisele wona. UDavide wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, phambi kukaSimakade.


Wawungenisa umphongolo ethabanakelini, wamisa isihenqo sokuhenqela umphongolo wesivumelwano, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, u-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni. Inkosi yami, uJowabe nezinceku zenkosi yami, bakanise endle. Pho mina ngingangena kanjani endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Ngifunga ngiyagomela phambi kwakho, angisoze ngakwenza lokho.”


Kuthe esakhuluma nenkosi, kwafika uNathani, umphrofethi.


“Kwakusenhliziyweni kaDavide, ubaba, ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.


UDavide wathi kuSolomoni, indodana yakhe: “Bekusenhliziyweni yami ukuba ngakhe indlu, ngiyakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami.


Ezinye izindaba zikaSolomoni, ezakuqala nezakamuva, azilotshiwe yini ezindabeni zikaNathani umphrofethi, nasesiphrofethweni sika-Ahaya waseShilo, nasemibonweni ka-Ido umboni ngoJerobhowamu indodana kaNebhathi na?


Wamisa abaLevi endlini kaSimakade bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu njengalokhu uDavide noGadi, umboni wenkosi, noNathani umphrofethi, babeyalezile, ngokuba isiyalezo sasivela kuSimakade ngomlomo wabaphrofethi bakhe.


Kepha uZadoki umphristi, uBhenaya indodana kaJehoyada, uNathani umphrofethi, uShimeyi, uReyi namaqhawe kaDavide abamlandelanga u-Adoniya.


u-Azariya, indodana kaNathani, owayengamele zonke izikhulu; uZabudi, indodana kaNathathi, owayengumphristi nomngani wenkosi


Wafunga kuSimakade, wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJokobe, wathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite