Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 7:15 - IsiZulu 2020

15 Kepha umusa wami awuyukusuka kuye, njengoba ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 kepha umusa wami awuyikusuka kuyo, njengalokho ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kepha umusa wami awuyikusuka kuye, njengalokho ngawususa kuSawule, engawususa phambi kwakho.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 7:15
18 Referans Kwoze  

Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade, naye ukulahlile, awusezukuba yinkosi.”


Umusa wami ngiyomgcinela wona kuze kube phakade; isivumelwano sami siyohlala siqinile kuye.


USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe.


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


Nokho angiyukuwuhlwitha wonke umbuso kuyo, kodwa ngiyoyinika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide, inceku yami, nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”


Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu.


UMoya kaSimakade wamshiya uSawule, wayesengenwa ngumoya omubi owawuvela kuSimakade.


“Ngiyakuwuvikela lo muzi ngiwusindise ngenxa yami nangenxa kaDavide inceku yami.”


Isivumelwano sami angiyukusaphula, nengikukhiphe ngezindebe zami angiyukukuguqula.


Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ”


Bekani izindlebe, nizwe, nize kimi, uyophila umphefumulo wenu; ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


USawule wakhumula izingubo zakhe, waphrofetha phambi kukaSamuweli. Walala phansi enqunu lonke lolo lusuku nabo bonke lobo busuku. Yingakho abantu bathi: “Kanti noSawule uphakathi kwabaphrofethi na?”


Kepha umusa wami angiyukuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami.


Nkosi, uphi umusa wakho wakuqala owawufungela kuDavide ngokwethembeka kwakho na?


USamuweli wathi kuSawule: “Angiyukuhamba nawe, ngokuba uledelele izwi likaSimakade, noSimakade ukulahlile, awuseyukuba yinkosi ebusa u-Israyeli.”


uma bephula izimiso zami, bengayigcini imiyalo yami,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite