Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 7:10 - IsiZulu 2020

10 Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale bahlale kuyo, bangabe besanyakaziswa, nabantu ababi abasayukubahlupha njengakuqala,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangabe besanyakaziswa; futhi abantu ababi abasayikubahlupha njengakuqala,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngizabamisela indawo abantu bami u-Israyeli, ngibatshale, ukuze bahlale endaweni yabo, bangabe besaxega; abantwana bobubi abasayikubacindezela njengakuqala;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 7:10
25 Referans Kwoze  

Ngiyakubatshala ezweni labo, bangabe besasishulwa futhi kwelabo izwe engibanike lona,” kusho uSimakade uNkulunkulu wakho.


Ngiyakubamisela indawo abantu bami, u-Israyeli, ngibatshale ukuba bahlale endaweni yabo, bangaphinde bakhathazwe nakukhathazwa ngababi bababhubhise njengakuqala,


Amehlo ami ngiyakuwabhekisa kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli lizwe; ngibakhe ngingababhidlizi, ngibatshale ngingabasiphuli.


Ayisayukubabikho indluzula ezweni lakini, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemingcele yakho, kodwa izingange zakho uyozibiza ngokuthi yiNsindiso, namasango akho ngokuthi yiNdumiso.


“ ‘ “Akusayukuba bikho makhakhasi nameva okuhlabayo nokulimazayo endlini yakwa-Israyeli, kusukela kulabo abazungeze nxazonke nalabo ababadelelayo; bayakukwazi ukuthi ngiyiNkosi uSimakade.


Ukhiphe umvini eGibhithe, wasusa izizwe, wawutshala.


Ngesinye isikhathi ngiyakukhuluma ngesizwe nangombuso ukuwakha nokuwutshala;


Uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo. Ukufa akusayukuba khona; ukudabuka, ukukhala, nobuhlungu akusayukuba khona, ngokuba okokuqala kudlulile.”


Ngalolo lusuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nokuhuquzelayo emhlabathini. Ngiyakunqamula umnsalo, inkemba nempi ezweni, ngibalalise phansi bephephile.


Uyakubabuyisa ubatshale entabeni eyifa lakho, indawo Wena Simakade ozenzele yona ukuba uhlale kuyo, indawo engcwele Simakade, emiswe yizandla zakho.


Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


Wamba, wakhipha amatshe kuso, watshala umvini omuhle, wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso, waqopha isikhamo kuso, walindela ukuba sithele izithelo zomvini, kodwa sathela izithelo zasendle.


Wena uyiNkosi yami, Nkulunkulu, yaleza ukunqoba kukaJakobe.


Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.


Amabutho amaFilisti aphuma enkanjini ngezigaba ezintathu; esokuqala sahamba ngendlela eya e-Ofira eShuhali;


UFaro wayeseyala bonke abantu bakhe wathi: “Bonke abafana abazozalwa ngamaHebheru kufanele baphonswe emfuleni, kodwa amantombazane niwayeke aphile.”


Angiseyukuzenza izinyawo zika-Israyeli zizulazule, zisuke ezweni engalinika okhokho babo, kuphela nje uma beqikelela ukugcina futhi benze njengakho konke engibayale ngakho, nanjengawo wonke umthetho eyabayala ngawo inceku yami, uMose.”


Futhi angiyukulususa unyawo luka-Israyeli, angiyukulususa ezweni engalimisela okhokho benu, uma nje beyakukugcina benze konke engibayale ngakho, wonke umthetho, izimiso, izehlulelo engabanika khona ngomlomo kaMose.”


Wena ngesandla sakho, waxosha izizwe, bona wabatshala; wazibhubhisa izizwe, bona wabakhulula.


Wawulungisela indawo phambi kwawo, wagxila, wagcwalisa umhlaba.


Bonke abantu bakho bayakuba ngabalungileyo, badle ifa lezwe kuze kube phakade; igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuze ngidunyiswe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite