Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 6:20 - IsiZulu 2020

20 UDavide wabuya wayobusisa abendlu yakhe. UMikhali, indodakazi kaSawule, waphuma wayohlangabeza uDavide, wathi: “Inkosi ka-Israyeli izenze inhlekisa namuhla, yazehlisa isithunzi phambi kwezincekukazi nezinceku zayo njengomuntu ongelutho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UDavida wasebuyela ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka ukukhazinyuliswa kwenkosi yakwa-Israyeli namuhla, ezivezile namuhla phambi kwezincekukazi zezinceku zayo, njengokuba umuntu oyisiwula eziveza ngokungenamahloni;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 6:20
23 Referans Kwoze  

Kwathi lapho umphongolo kaSimakade ungena nje emzini kaDavide, uMikhali, indodakazi kaSawule, walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaSimakade; wayedelela enhliziyweni yakhe.


UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.


Zamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-70 ezazizithathe ethempelini likaBhali Bherethi; u-Abhimelekhi aqasha ngazo iziduphunga nezixhwanguxhwangu zamadoda, ukuba zimlandele.


Abakubo, sebekuzwile lokho, baphuma ukuyomthatha, ngokuba bathi usangene.


Ngizohamba ngobuqotho, ngingabi nacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizohamba nginenhliziyo emsulwa endlini yami.


Ngiyakuphakamisa Simakade, ngokuba ungitakulile, awuvumanga ukuba izitha zami zithokoze ngami.


bangabantwana beziwula, abantwana babantu abangenagama, bayashaywa, baxoshwe ezweni.


Bonke abantu bahamba, yilowo nalowo waya endlini yakhe. UDavide wabuya wazobusisa abendlu yakhe.


UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula, wabusisa abantu egameni likaSimakade Wamabandla.


Uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uSimakade, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma ngonkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho benu besengaphesheya komfula, noma ngonkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo, kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uSimakade.”


futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


Wayesefika kuSimoni Phethro. UPhethro wathi kuye: “Nkosi, Wena, ugeza izinyawo zami na?”


Kwathi uPhethro esesegcekeni ezansi, kwafika enye yamantombazane omphristi omkhulu,


Nanka amagama amadodana kaSawule: nguJonathani, u-Ishivi, noMalikhi Shuwa. Amadodakazi akhe, igama leyokuqala nguMerabi, encane nguMikhali.


Wababela bonke abantu, sonke isixuku sabakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo isinkwa, ikhekhe lengqayisundu, nekhekhe elinamagilebhisi omisiwe. Wayesehamba, abantu bonke babuyela, yilowo nalowo, ekhaya lakhe.


Ungabi ngokhohlakele kwaze kweqa, noma oyisiwula; ufunelani ukufa kungakabi yisikhathi sakho na?


UMikhali, indodakazi kaSawule, wayemthanda uDavide. Abantu bamtshela uSawule, kwaba kuhle lokho kuye wavumelana nakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite