Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 5:9 - IsiZulu 2020

9 UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke, kusukela eMilo kuya ngaphakathi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UDavide wahamba wayohlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha inhlangothi zonke, ethabathela eMilo nangaphakathi.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 5:9
16 Referans Kwoze  

Indodakazi kaFaro kuphela eyasuka emzini kaDavide yaya endlini yayo, inkosi eyayiyakhele yona; wayakha futhi neMilo.


Nansi-ke indaba emaqondana nezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukuzokwakha indlu kaSimakade, isigodlo sayo, iMilo, ugange eJerusalema, iHazori, iMegido neGezeri.


UHezekiya waziqinisa, wakha lonke ugange lomuzi olwaludiliziwe, wamisa imibhoshongo phezu kwalo; wakha nolunye ugange ngaphandle. Waqinisa iMilo emzini kaDavide, wenza izikhali nezihlangu okuningi.


Isizathu esamenza wamelana nenkosi yilesi: kwathi lapho uSolomoni akha iMilo, wavala isikhala emzini kayise uDavide.


UDavide nokho wayidla inqaba iZiyoni, eseyingumuzi kaDavide manje.


Wakha umuzi, wayizungeza kusuka eMilo kuya kuzo zonke izindawo. UJowabe wavusa okwakusasele komuzi.


kodwa uma kungenjalo, makuphume umlilo ku-Abhimelekhi, uqothule zonke izakhamuzi zaseShekhemi naseBhethi Milo, kuphume umlilo ezakhamuzini zaseShekhemi naseBhethi Milo ubhubhise u-Abhimelekhi.”


Zonke izakhamuzi zaseShekhemi nalo lonke iBhethi Milo zahlangana ngasensikeni yomu-okhi eShekhemi, zahamba zambeka u-Abhimelekhi, waba yinkosi.


UDavide wathi ngalolo lusuku: “Noma ngubani obulala amaJebusi, makasuke emseleni wamanzi ahlasele izinyonga nezimpumputhe, labo abazonda uDavide, naye futhi abazondayo. Ngalokho kuyothiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga aziyukungena endlini.’ ”


Izinceku zakhe zenza ugobe, zambulala uJowashi esendlini eMilo, uma wehla ubheke eSila.


Jerusalema, wena owakhiwe njengomuzi ohlanganiswe waqina,


Maye, kuwe Ariyeli, muzi lapho uDavide ake akanisa khona. Yengeza unyaka phezu komunye, imikhosi uqhubeke nokuyigubha njengenjwayelo.


Ngakho-ke uDavide akavumanga ukuba umphongolo kaSimakade ulethwe kuye, emzini kaDavide, kodwa wawuchezukisa umphongolo kaSimakade, wawuyisa endlini ka-Obhede Edomi, umGithi.


UDavide wayeselaliswa kokhokho bakhe, wambelwa emzini kaDavide.


Wabulawa yizinceku zakhe uJozakhari, indodana kaShimeyathi, noJehozabhadi, indodana kaShomeri, wembelwa nokhokho bakhe emzini kaDavide. U-Amaziya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.


ISango Lomthombo lakhiwa kabusha nguShalumi, indodana kaKholihoze, umbusi wesifunda eMizpha. Walakha, walifulela, wamisa amasango ezindaweni zawo, wafaka imigoqo nezihluthulelo, wakha nogange echibini iShela ngasengadini yenkosi, kwaze kwaba sezikhwelweni ezehlela emzini kaDavide.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite