Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 5:6 - IsiZulu 2020

6 Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema bayokulwa namaJebusi ayakhe kulelo lizwe. AmaJebusi athi kuDavide: “Ngeke ungene lapha; uyakuxoshwa yizimpumputhe nezinyonga.” Ayethi: “UDavide ngeke angene lapha.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema ukulwa namaJebusi ayakhe kulelo zwe; asho kuDavide, athi: “Awuyikungena lapha; uyakususwa yizimpumputhe nezinyonga,” ecabanga ukuthi uDavide angengene lapha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema kumaJebusi akhileyo kulelo zwe, bakhuluma kuDavide, bathi: “Uma ungabasusi abayizimpumputhe nezinyonga, aniyikungena lapha;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 5:6
13 Referans Kwoze  

Abantu bakwaJuda balwa neJerusalema, balidla, balibhubhisa ngenkemba, bawuthungela umuzi ngomlilo.


Noma beningayibhubhisa yonke impi yamaKhaledi alwa nani, kusale kuphela izinkubela kubo, zona beziyakuvuka, kube yileyo naleyo ethendeni layo, ziwushise ngomlilo lo muzi.”


Kodwa abozalo lukaBhenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayehlala eJerusalema, ngakho-ke amaJebusi asahlala eJerusalema phakathi kwabozalo lukaBhenjamini kuze kube namuhla.


iZela, i-Hahelefi, iJebusi okuyiJerusalema, iGibheya, neKiriyathi, kuyimizi eli-14 nemizana yayo. Lesi kwakuyisabelo sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yabo.


Abozalo lukaJuda abakwazanga ukuwaxosha amaJebhusi ayehlala eJerusalema, asahlala nabo kuze kube namuhla.


UMelkhizedeki lo, yinkosi yaseSalema, umphristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abhrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa;


UMelkhizedeki, inkosi yaseSalema, owayengumphristi kaNkulunkulu Ophezukonke, wamlethela isinkwa newayini.


Ngakho-ke u-Adoni Zedeki, inkosi yaseJerusalema, wathumela kuHohamu inkosi yaseHebhroni, nakuPhiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakhishi, nakuDebhiri inkosi yase-Egiloni, wathi:


Ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.


Ohlakaniphileyo angenyukela emzini wamaqhawe, ayiwise inqaba athembele kuyo.


Bheka, ngimelene nani, nina enakhe esigodini, wena dwala lethafa, kusho uSimakade. Nina enithi: “ ‘Ngubani oyakwehla asihlasele na? Ngubani oyakungena ezindaweni esizifihle kuzo na?’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite