Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 5:12 - IsiZulu 2020

12 UDavide wakuqonda ukuthi uSimakade wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uwuphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe, u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UDavida wasebona ukuthi uJehova wayemmisile ukuthi abe yinkosi phezu kukaIsrayeli lokuthi wawuphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe uIsrayeli.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 5:12
10 Referans Kwoze  

Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ”


Makabongwe uSimakade uNkulunkulu wakho okwenamele wakubeka esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka ukuba ube yinkosi ukuze wenze ukwehlulela nokulunga.”


UDavide waqonda ukuthi uSimakade wayembekile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.


Mina-ke, akungakuhlakanipha enginakho kunabanye abakhona ukuthi le mfihlakalo yambuliwe kimi, kepha kungukuba inkosi yaziswe incazelo nokuba wazi imicabango yenhliziyo yakho.


Uma uthula ngesikhathi esifana nalesi, usizo nokukhululwa kwabaJuda kuzovela ndawana thize, kodwa wena nabendlu kayihlo nizobhubha. Ngubani owaziyo? Mhlawumbe ungene embusweni waba yindlovukazi ngenxa yesikhathi esifana nalesi.”


UHuramu, inkosi yaseThire, waloba wayesethumela kuSolomoni, wathi: “USimakade uyabathanda abantu bakhe; ukubeke waba yinkosi phezu kwabo.”


UHiramu, inkosi yaseThire, wathumela izithunywa kuDavide, nemisedari, nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide isigodlo.


UDavide wabuye wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, ngesikhathi esefikile khona evela eHebhroni. Bamzalela uDavide amadodana namadodakazi.


Amanzi ayakugobhoza, aphume ezimbizeni zakhe, imbewu yakhe ibe semanzini amaningi, inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi, umbuso wakhe uphakame.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite