Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 4:8 - IsiZulu 2020

8 Ikhanda lika-Ishi Bhoshethi baliyisa kuDavide eHebhroni, bathi enkosini: “Nanti ikhanda lesitha sakho u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, owayefuna ukuphila kwakho, kodwa uSimakade ukuphindiselele namuhla nkosi yami, nkosi, kuSawule nakulo uzalo lwakhe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Baliyisa ikhanda lika-Ishi Boshethi kuDavide eHebroni, bathi enkosini: “Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule; isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uphindisele namuhla inkosi yami, inkosi, kuSawule nakuyo inzalo yakhe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Baliletha ikhanda lika-Ishi Bosheti kuDavide eHebroni, bathi enkosini: “Nanti ikhanda lika-Ishi Bosheti indodana kaSawule, isitha sakho ebesifuna ukuphila kwakho; uJehova uyiphindisele namuhla inkosi yami, inkosi kuSawule nasenzalweni yakhe.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 4:8
18 Referans Kwoze  

Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.


UNkulunkulu onginika impindiselo, othobise izizwe phansi kwami.


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Kuyoze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungehluleli, uphindiselele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?”


yathi: “Vuka uthathe umntwana nonina, uye kwa-Israyeli, ngokuba ababezingela impilo yomntwana sebefile.”


Usuku lonke ulimi lwami luzokhuluma ngokulunga, ngokuba labo abafuna ukungenzakalisa bazothelwa ngehlazo, baphoxeke.


Bheka, kwase kufika umKhushe, wathi: “Ngilethe izindaba ezinhle enkosini, inkosi yami. USimakade ukuphindiselele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.”


U-Ahimahazi, indodana kaZadoki, wayesethi: “Ake ngigijime, ngiyobikela inkosi ukuthi uSimakade uyiphindiselele ezitheni zayo.”


Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uSimakade akhuluma ngalo kuwe, ethi: ‘Uyabona-ke, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze okubona kukuhle kuwe.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule.


UDavide wabona ukuthi uSawule uphumele ukumbulala; uDavide wayesehlane eZifi eHoreshi.


UDavide wabaleka eNayothi eRama, waya kuJonathani, wathi kuye: “Ngenzeni na? Liyini icala lami? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”


USawule wathumela izithunywa ukuba ziyombona uDavide, wathi: “Mkhuphuleni nimlethe lapha kimi ngombhede ukuze ngimbulale.”


USawule waciba umkhonto, wathi: “Ngiyakumphisela odongeni uDavide.” Kepha uDavide wagwija kwaze kwaba kabili phambi kwakhe.


U-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi kaSawule wayesethathe u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi,


USawule wakhuluma noJonathani, indodana yakhe, nazo zonke izinceku zakhe ngetulo lokubulala uDavide. Kepha uJonathani wayemthanda kakhulu uDavide.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite