Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 4:2 - IsiZulu 2020

2 Indodana kaSawule yayinezinduna ezimbili zabahlaseli: enye kwakunguBhahana enye kunguRekhabhi. Babengamadodana kaRimoni waseBherothi, wozalo lukaBhenjamini ngokuba iBherothi indawo eyanikwa uBhenjamini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinduna zamaviyo; igama lenye lalinguBahana negama lenye lalinguRekabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini, ngokuba iBeyeroti libalelwa kuBenjamini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinhloko zamaviyo; igama lenye lalinguBahana, igama lenye lalinguRegabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini; ngokuba iBeroti labalwa kanye noBenjamini;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 4:2
9 Referans Kwoze  

IGibheyoni, iRama, iBherothi,


Abantu bakwa-Israyeli basuka bagasela kuzo, bafika emizini yazo ngosuku lwesithathu. Imizi yazo kwakuyiGibheyoni, iKhefira, iBhiyerothi neKiriyathi Jeharimi.


Yayisibalungisela idili, idili elikhulu; badla, baphuza; yabavumela ukuba bahambe baye enkosini yabo. Amaviyo okuphanga ama-Aramu awaphindanga angena kwa-Israyeli.


Ama-Aramu ayephume ngamaviyo ukuyophanga, abuya kwa-Israyeli nentombazana encane eyayiyincekukazi yomkaNahamani.


Khona lapho, kwafika izinceku zikaDavide noJowabe zibuya kohlasela, ziphethe impango eningi. U-Abhineri wayesesukile kuDavide eHebhroni, kwazise wayesemhambise ngokuthula.


Amadodana kaRimoni waseBherothi, uRekhabhi noBhahana ahamba, afika endlini ka-Ishi Bhoshethi emini sekushisa ilanga; wayecambalele embhedeni wakhe emini.


UDavide wabaphendula oRekhabhi noBhahana, umfowabo, amadodana kaRimoni waseBherothi, wathi kubo: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade owuhlengile umphefumulo wami kulo lonke usizi.


uZeleki wakwa-Amoni, uNaharayi waseBherothi, izindibi zezikhali zikaJowabe, indodana kaZeruya,


iMizpha, iKhefira, iMosa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite