Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:35 - IsiZulu 2020

35 Abantu bonke bafika bamncenga uDavide ukuba adle isinkwa kusesemini, kodwa uDavide wafunga wathi: “Makenze kanjalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Bonke abantu bafika ukuba bamdlise uDavide isinkwa kusesemini; kepha uDavide wafunga wathi: “Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Kwathi bonke abantu beza ukumnika uDavida ukudla ukudla kusesemini, uDavida wafunga wathi: UNkulunkulu makenze njalo kimi, njalo, uba nginambitha isinkwa loba yini enye lize litshone ilanga.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:35
13 Referans Kwoze  

Amalunga endlu yakhe asuka aya kuye ukuze amvuse emhlabathini. Akavumanga, futhi akadlanga nawo ukudla.


Balila, bakhala, bazila kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule noJonathani, indodana yakhe, nabantu bakaSimakade, nendlu ka-Israyeli, ngokuba babebulewe ngenkemba.


akuyukuba khona obahlephulela isinkwa sokulila ukuba abaduduze ngabafileyo, abayukuphuziswa endebeni yokududuza ngoyise nangonina.


Lapho ufela khona, ngiyofela khona nami, ngingcwatshwe khona. USimakade akangiphe amandla kulesi sinqumo, angijezise ngokuphindiwe uma ngigudluka kuso; ngukufa kuphela okuyosehlukanisa.”


Bubula buthule; ungamlileli ofileyo, uzibophele umshuqulu wakho, ufake izimbadada zakho ezinyaweni, ungawambozi amadevu akho, ungakudli ukudla okulethwe ngabantu abalilayo.”


Abakwa-Israyeli, yonke impi, babuyela eBhethele, bakhala, behleli lapho phambi kukaSimakade, bazila ukudla ngalolo lusuku kwaze kwaba kusihlwa. Base benikela phambi kukaSimakade ngemihlatshelo yokushiswa nangemihlatshelo yokuthula.


Niyakwenza njengoba ngenzile: aniyukuwamboza amadevu enu, ningakudli ukudla okulethwe ngabantu abalilayo.


UNkulunkulu makenze kanjalo ku-Abhineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokhu uSimakade efungile kuye,


U-Eli wathi: “Ukhulume izwi elithini kuwe na? Ungangifihleli lutho; uNkulunkulu makenze kanjalo kuwe, enezele futhi, uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho akukhulume kuwe.”


Izandla zakho bezingaboshiwe, izinyawo zakho zingafakwanga maketanga, uwe njengomuntu owa phambi kwezikhohlakali.” Bonke abantu baphinda bamkhalela.


Bonke abantu bakubona lokho, kwaba kuhle emehlweni abo, konke eyakwenzayo inkosi kwathandeka kubo bonke abantu.


Abakwa-Israyeli bakhuphuka, bayokhala phambi kukaSimakade kwaze kwaba kusihlwa; babuza kuSimakade, bathi: “Siphinde yini sisondele kubafowethu bakwaBhenjamini siyolwa nabo, na?” USimakade wathi: “Khuphukani, nilwe nabo.”


asuka wonke amadoda anamandla ayothatha isidumbu sikaSawule nezamadodana akhe, aziletha eJabheshi. Amathambo abo awambela phansi kwe-okhi eJabheshi, azila ukudla izinsuku eziyikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite