“Phezu kwalokho, uyazi ukuthi uJowabe, indodana kaZeruya, wenzani kimi, nokuthi wabaphatha kanjani abakhuzi ababili bempi ka-Israyeli; u-Abhineri, indodana kaNeri, no-Amasa, indodana kaJetheri, ababulalayo, wachitha igazi ngokulwa ngesikhathi sokuthula. Wabheca igazi lokulwa ebhandeni lakhe elalisokhalo, nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.