Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:22 - IsiZulu 2020

22 Khona lapho, kwafika izinceku zikaDavide noJowabe zibuya kohlasela, ziphethe impango eningi. U-Abhineri wayesesukile kuDavide eHebhroni, kwazise wayesemhambise ngokuthula.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Bheka, izinceku zikaDavide nezikaJowabe zabuya eviyweni, zaletha impango enkulu; kepha u-Abineri wayengekho kuDavide eHebroni, ngokuba wayemmukisile, wahamba ngokuthula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Bheka, izinceku zikaDavide noJowabe zafika zivela ekuxosheni iviyo, zeza nempango enkulu, kepha u-Abineri wayengekho kuDavide eHebroni; ngoba wammukisa, wahamba ngokuthula.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:22
3 Referans Kwoze  

UDavide nabantu bakhe bakhuphuka, bayohlasela amaGeshuri, amaGirizi, nama-Amaleki, ababehlala eTheleme ngendlela eya eShuri kuya eGibhithe.


Esefikile uJowabe nawo wonke amabutho ayehambe nawo, bamtshela uJowabe, bathi: “U-Abhineri, indodana kaNeri, ubeze enkosini, inkosi imdedele, wahamba ngokuthula.”


Indodana kaSawule yayinezinduna ezimbili zabahlaseli: enye kwakunguBhahana enye kunguRekhabhi. Babengamadodana kaRimoni waseBherothi, wozalo lukaBhenjamini ngokuba iBherothi indawo eyanikwa uBhenjamini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite