Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:16 - IsiZulu 2020

16 Umyeni wakhe wahamba naye, ekhala emlandela, waze wayofika eBhahurimi. U-Abhineri wayesethi kuye: “Hamba, phindela ekhaya!” Wenza kanjalo, wabuyela emuva.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Indoda yakhe yahamba naye, ikhala isahamba, yamlandela kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuyo: “Buya.” Yabuya-ke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Indoda yakhe yahamba naye ikhala emva kwakhe kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuye: “Hamba, ubuye.” Wabuya.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:16
9 Referans Kwoze  

UShimeyi, indodana kaGera, umBhenjamini waseBhahurimi, washesha wehla namadoda akwaJuda ukuyohlangabeza inkosi.


Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBhahurimi, kwaphuma omunye wabomndeni wendlu yenkosi uSawule, igama lakhe kunguShimeyi, indodana kaGera; wayehla enyuka ethuka inkosi.


“Bheka, ungakuwe uShimeyi, indodana kaGera wakwaBhenjamini waseBhahurimi, owangithuka ngendlela ebuhlungu mhla ngiya eMahanayimi. Kepha wehla wangihlangabeza ngaseJordani, ngase ngifunga kuye phamabi kukaSimakade, ngathi: ‘Angiyukukubulala ngenkemba.’


Kepha mfana mumbe wababona, wayeseyobotha ku-Absalomu, base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBhahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona.


U-Ishi Bhoshethi wathumela ukuba ayolandwa kumyeni wakhe uPhalithiyeli, indodana kaLayishi.


u-Abhi Alibhoni umAraba, u-Azimavethi waseBharihumi,


U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, waphuma eMizpha ukuyowahlangabeza, ehamba ekhala. Kwathi lapho ehlangana nawo, wathi kuwo: “Wozani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.”


Weza nabantu abayinkulungwane bakwaBhenjamini, uZiba, inceku yendlu kaSawule, amadodana akhe ali-15, nezinceku zakhe ezingama-20, bashesha bafika eJordani phambi kwenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite