Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:10 - IsiZulu 2020

10 ukuba kuthathwe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide, phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 kudluliswe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 ukuguqula umbuso wendlu kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:10
9 Referans Kwoze  

Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumphrofethi kaSimakade.


Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.


OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.


Inkosi yathi kuJowabe, umkhuzi wempi, owayenaye: “Hamba uye kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba; nibale abantu ukuze ngazi ukuthi bangaki.”


“Nasi iseluleko sami sokuthi u-Israyeli wonke makaqoqelwe kuwe kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba, ube mningi ngangesihlabathi sasolwandle ngobuningi, bese umhola wena uye naye empini.


USamuweli wathi kuye: “USimakade uwuklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, wawunika umakhelwane wakho ongcono kunawe.


U-Ishi Bhoshethi akazange amphendule futhi u-Abhineri nangelilodwa izwi, ngoba wayemesaba.


U-Abhineri wathi kuDavide: “Mangihambe ngiyoqoqa wonke u-Israyeli eze enkosini yami, inkosi, ukuze enze isivumelwano nawe, ubuse phezu kwakho konke njengalokhu kufisa inhliziyo yakho.” UDavide wamkhulula u-Abhineri, wahamba ngokuthula.


USimakade ukwenzile lokho, njengoba akhuluma ngami: uSimakade uwususile umbuso kuwe, wawunika umakhelwane wakho, uDavide.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite