Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:1 - IsiZulu 2020

1 Kwaba khona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaDavide nendlu kaSawule. UDavide wadlondlobala ngamandla, kodwa indlu kaSawule yaya ngokuya iba ntekenteke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, kepha uDavide waqhubeka eba namandla ngokuba namandla, nendlu kaSawule yaya ngokuya iba buthaka.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:1
26 Referans Kwoze  

Kwakukhona ukulwa njalo phakathi kukaRehobhowamu noJerobhowamu.


Nakuba ukuqala kwakho kwakungokuncane, nokho ikusasa lakho liyokhula kakhulu.


Impi yayinzima kakhulu ngalolo lusuku; u-Abhineri namadoda akwa-Israyeli behlulwa yizinceku zikaDavide.


Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabomoya bobubi emkhathini.


Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eZiyoni.


Olungileyo uyobambelela endleleni yakhe, onezandla ezihlanzekileyo uyakukhula emandleni.


Ngokuba imvelo eyonakeleyo ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya okuphambene nemvelo eyonakeleyo. Lezi zinto ziyamelana, ukuze ningakwenzi lokho enikufisayo.


Waxoxela umkakhe nabo bonke abangani bakhe ngento eyayimehlele. Labo bangani bakhe abahlakaniphile nomkakhe, bathi kuye: “Njengoba uMoridekhayi engumJuda, ukuwa kwakho sekuqalile. Ngeke ukwazi ukumelana naye ubuso nobuso, impela uzokuqumba phansi.”


Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo.


Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli, zonke izinsuku zabo.


Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”


Ngase ngibona: kwakukhona ihhashi elimhlophe, nogibele kulo ephethe umnsalo, wanikwa umqhele, waphuma ngokunqoba eya ukuyonqoba.


UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bama, ababe besabahubha abakwa-Israyeli, futhi ababange besalwa.


UDavide waya ngokuya edlondlobala, ngoba uSimakade uNkulunkulu Wamabandla wayenaye.


“Wangikhulula ekulweni kwabantu; wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bayakungikhonza.


UDavide waqhubeka njalo wakhula, ngokuba uSimakade Wamabandla wayenaye.


UMoridekhayi waba ngumuntu omkhulu esigodlweni, nodumo lwakhe lwanda kuzo zonke izifundazwe, waqhubeka njalo waba ngumuntu onamandla.


Wangikhulula kubantu abangivukelayo. Wangimisa ngaba yinhloko yezizwe, abantu engingabazi bangikhonza.


Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Ngesikhathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abhineri wayekhulisa amandla akhe endlini kaSawule.


Nanka amagama amadodana kaDavide abamzalela wona eHebhroni: izibulo u-Amnoni ku-Ahinohama, umHizireyelikazi; owesibili nguDaniyeli, ku-Abhigayili, umKharmelikazi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite