Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 24:25 - IsiZulu 2020

25 UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. USimakade wakuzwa ukunxusa kwakhe, enxusela izwe, ubhubhane lwanqamuka kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. UJehova wancengwa ngenxa yezwe, isifo sanqamuka kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. Ngakho uJehova walithandazela izwe, futhi isifo sanqamuka kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 24:25
16 Referans Kwoze  

Bawambela amathambo kaSawule noJonathani, indodana yakhe, kwaBhenjamini, eZela, ethuneni likaKishi, uyise. Benza konke inkosi eyayibayale ngakho. Emveni kwalokho uNkulunkulu wayizwa imikhuleko ngenxa yezwe.


UDavide wayesethi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; kungcono siwele esandleni sikaSimakade, ngokuba umusa wakhe mkhulu. Kepha mangingaweli neze esandleni somuntu.”


USamuweli wayebuyela eRama ngoba indlu yakhe yayilapho, wamehlulela u-Israyeli ekhona, wamakhela lapho uSimakade i-althare.


UNowa wakhela uSimakade i-althare, wathatha kuzo zonke izilwane nezinyoni ezihlanzekileyo ngezinhlobo zazo, wenza ngazo umnikelo wokushiswa kulelo althare ayelakhile.


USamuweli wathatha iwundlu elisancelayo, wanikela ngalo laba ngumnikelo wokushiswa wonke kuSimakade; uSamuweli wamkhulekela u-Israyeli kuSimakade, uSimakade wamphendula.


Sebefike kuleyo ndawo uNkulunkulu ayemtshele ngayo, u-Abhrahama wakha i-althare, wabeka izinkuni phezu kwalo. Wayibopha indodana yakhe u-Isaka, wayibeka phezu kwezinkuni e-althare.


Ngosuku olulandelayo, abantu bavuka ngovivi, bakha i-althare lapho, banikela imihlatshelo yokushiswa nemihlatshelo yokuthula.


USawule wayesethi: “Lethani kimi umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula.” Wanikela ngomnikelo wokushiswa.


USawule wamakhela uSimakade i-althare; lelo kwaba yi-althare lokuqala alakhela uSimakade.


Inkosi uDavide yayisikhulile, neminyaka yayo isiminingi impela. Bayembesa ngezingubo, kepha kwanhlanga zimuka nomoya; ayifudumalanga.


Ngiyakulubohlisa ulaka lwami kuwe, ngisuse umona wami kuwe, ngibe nokuthula, ngingabe ngisakuthukuthelela futhi.


USimakade wazibonakalisa ku-Abhrama, wathi: “Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.” U-Abhrama wayesakha lapho i-althare likaSimakade owayezibonakalise kuye.


Bonke abasondela ethabanakelini likaSimakade bayakufa; siyakufa siphele sonke na?”


UGideyoni wamakhela uSimakade i-althare lapho, waliqamba wathi: uSimakade Ungukuthula. Kuze kube namuhla lisekhona lapho e-Ofira lama-Abhiyezeri.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite