Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 24:15 - IsiZulu 2020

15 USimakade wayesethumela ubhubhane kwa-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esinqunyiweyo. Kwafa abantu abayizi-70 000 kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli kusukela ekuseni kuze kube sesikhathini esinqunyiweyo; kwafa abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esimisiweyo;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 24:15
11 Referans Kwoze  

USimakade wathumela ubhubhane kwa-Israyeli, kwafa abantu abayizi-70 000 kwa-Israyeli.


UJowabe, indodana kaZeruya, waqala ukubala abantu, kodwa akazange aqede ngenxa yolaka olwaqubuka phezu kuka-Israyeli, inani labantu alizange lifakwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.


Ngase ngibona: nanto ihhashi elimpofu nogibele kulo, igama lakhe kwakunguKufa, neHayidesi lamlandela, base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, ngendlala, ngobhubhane, nangezilwane zasendle.


Isizwe siyakuvukela esinye, nombuso uvukele omunye; kuyakuba khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.


Ingelosi kaSimakade yaphuma yabulala enkanjini yabase-Asiriya abayizi-185 000. Kuvukwa ngakusasa, babona ukuthi bonke babefile kuyizigingqane zezidumbu.


Owayephethe isigaba sesibili kwakunguDadayi, umAhohi; singena ngenyanga yesibili isigaba sakhe. Esigabeni sakhe kwakukhona umbusi, uMikhilothi, beyizi-24 000.


Wabulala abantu baseBhethi Shemeshi ngokuba babebuke emphongolweni kaSimakade. Wabulala abangama-70 kubo emadodeni ayeyizi-50 000. Abantu balila ngoba uSimakade wabulala abantu abaningi kakhulu.


Kepha lwase lwedlule nabantu abayizi-24 000.


Inkosi yathi kuJowabe, umkhuzi wempi, owayenaye: “Hamba uye kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba; nibale abantu ukuze ngazi ukuthi bangaki.”


Simakade, ngizwile umbiko ngawe, ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho; uvuselele nakule minyaka, wenze ukuba waziwe kule minyaka, ukhumbule isihawu sakho nasolakeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite