Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 24:1 - IsiZulu 2020

1 Intukuthelo kaSimakade yabuye yamvuthela u-Israyeli. Wamvusa uDavide ukuba amelane naye, ngokuthi kuye: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Intukuthelo kaJehova yabuye yavuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ngabo ngokuthi: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Intukuthelo kaJehova yaphinda yamvuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ukuba athi: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 24:1
23 Referans Kwoze  

USathane wamelana no-Israyeli, wamyenga uDavide ukuba abale u-Israyeli.


ukufeza lokho owawuyimisele ukuba ikwenze kwaphambilini, ngesandla nangecebo lakho ukuba kwenzeke.


Nami ngabanika izimiso ezazingezinhle nezehlulelo ababengayukuphila ngazo.


“ ‘ “Uma umphrofethi eyengeka bese ekhuluma izwi, Mina Simakade ngimyengile lowo mphrofethi; ngiyakwelulela isandla sami kuye, ngimelane naye, ngimbhubhise kubantu bami u-Israyeli.


Yathi inkosi: “Ngihlangene ngani mina nani, madodana kaZeruya? Uma engithuka, ngoba kusho uSimakade kuye wathi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongathi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”


“Usho kanje uSimakade uthi: ‘Bheka, ngiyokuvusela ubutha endlini yakho, ngithathe abafazi bakho ubuka, ngibanike umakhelwane wakho, alale nabo emini kwabha.


Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


Kepha Mina ngizokuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngiphindaphinde izibonakaliso nezimangaliso zami eGibhithe.


Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu.


Manje ningabe nisakhathazeka, futhi ningazisoli ngokuthi nangidayisa, ngokuba nguNkulunkulu owangithumela ukuba nginandulele ukuze ngilonde impilo.


Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela ukulutheka okunamandla, ukuze bakholwe ngamanga,


UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Ithamari, amadodana akhe: “Ningaziqaqi izinwele emakhanda enu, ningaziklebhuli izembatho zenu ukuze ningafi, bese intukuthelo yehlela yonke inhlangano, kepha abafowenu, indlu yonke yakwa-Israyeli, ingalila ngenxa yokusha akulethileyo uSimakade.


njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose, wababala ehlane iSinayi.


Amadodana kaThola: kwakungu-Uzi, uRefaya, uJeriyeli, uJahemayi, u-Ibhisamu, noShemuweli. Babeyizinhloko zezindlu zokhokho babo, abakwaThola, bengamaqhawe anamandla ngezizukulwane zabo. Ubuningi babo ngesikhathi sikaDavide babeyizi-22 600.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wathi: “Ngenxa yokuba laba bantu basephulile isivumelwano sami engabayala ngaso okhokho babo, futhi abalalelanga izwi lami,


Inkosi uJehoramu yahlanganisa wonke u-Israyeli ngalolo lusuku, yaphuma eSamariya.


Bonke laba babengabozalo luka-Asheri, izinhloko zezindlu zokhokho, amaqhawe akhethekileyo anamandla, izinhloko zabaholi. Inani labo sebebonke elibhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini, kwakungamabutho ayizi-26 000.


UHezekiya akenzanga okuhle njengoba ayenzelwe okuhle, waphakama enhliziyweni yakhe, ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwaba phezu kwakhe nakuJuda neJerusalema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite