Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 23:6 - IsiZulu 2020

6 Kepha bonke abangenamsebenzi walutho bayakuba njengameva alahliweyo, ngokuba angephathwe ngesandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha onke amashinga ayakuba njengameva alahlwayo, ngokuba angephathwe ngesandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kodwa amadodana kaBheliyali wonke azakuba njengameva aqhutshelwa khatshana, ngoba awanakubanjwa ngezandla.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 23:6
12 Referans Kwoze  

Wena, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi nameva kuwe, uhleli nofezela, ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Abantu bayosha njengokusha komcako, nanjengameva agawuliweyo; bayoshiswa ngomlilo.”


Njengomnduze phakathi kwameva, sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintokazi.


Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”


Amadodana ka-Eli ayengabantu abakhohlakele; engamazi uSimakade.


abantu abathile abonakeleyo baphumile phakathi kwenu, bahlubukisa izakhamuzi zomuzi wakubo, bathi: ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu eningabaziyo,’


Umhlabathi uyokuvezela ameva namakhakhasi, uphile ngokudla okuvela kuwo.


INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,


Angisithukutheleli. Uma singivezela ameva namakhakhasi, ngizolwa nawo ngiwashise.


Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.


Ngakho yazi-ke, ubone ukuthi uzokwenzenjani, ngokuba ububi buyayinyonyobela inkosi yethu nendlu yayo yonke, kwazise ingumuntu ongazihloniphi ukuba umuntu angakhuluma nayo.”


Omuhle kubo unjengehlokozi elinameva; oqotho kubo mubi kunothango lwameva. Usuku lwabalindi bakho nolokujeziswa kwakho sekufikile; sekuyakuba ngukudideka kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite