Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 23:17 - IsiZulu 2020

17 Wathi: “Angizimisele neze, Simakade, ukuba ngenze lokhu; ngingaliphuza kanjani igazi lalaba bantu ababeke impilo yabo engcupheni?” Akavumanga ukuwaphuza. Yilezo-ke izinto ezenziwa yilawo maqhawe amathathu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Wathi: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze lokhu; kuyigazi lalabo bantu ababesuka besengozini.” Akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Wathi: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze lokhu; akulona igazi lamadoda ahamba ngokuphila kwawo engozini na?” ngalokho akathandanga ukuwaphuza. Lezo zinto azenza lawa madoda amathathu anamandla.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 23:17
14 Referans Kwoze  

“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


Thina-ke sizibekelani engcupheni umzuzu nomzuzu na?


Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi.


ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi ukuze kuthethelelwe izono.


Iyokhulula impilo yabo kumcindezeli nonendluzula, igazi labo liyigugu emehlweni ayo.


UNabothi wayesethi ku-Ahabi: “Anginakukwenza lokho, ngenxa kaSimakade, ukuba ngikunike ifa lokhokho bami.”


UJowabe waphendula, wathi: “Makungenzeki, angingabi naso nesifiso sokuba ngidle noma ngibhubhise.


Mawungabi bikho nhlobo kimi lowo mcabango wokuba uSimakade angivumele ukuba ngelule isandla ngimelane nogcotshiweyo kaSimakade. Wena thatha umkhonto ongasekhanda lakhe nesigubhu samanzi, sihambe.”


“Ngakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho, uthi: ‘Impela ngasho ukuthi indlu yakho nekayihlo ziyongena ziphume ebukhoneni bami kuze kube phakade.


UZebuloni yisizwe samadelakufa, noNafethali ngokunjalo, ezindaweni eziphakemeyo zezwe.


UJosefa wathi: “Angikwazi ukwenza into enjalo. Umuntu etholakale kuye indebe yami uzokuba yisigqila sami, nina yenyukani, nibuyele kuyihlo ngokuthula.”


Kepha ningalokothi nidle inyama enegazi, ngokuba umphefumulo usegazini layo.


Wathi: “Makube kude nami, Simakade, ukuba ngenze lokhu; ngingaliphuza yini igazi lalaba bantu ababeke impilo yabo engcupheni?” Akavumanga ukuwaphuza. Yilezi-ke izinto ezenziwa yilawo maqhawe amathathu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite