Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 23:10 - IsiZulu 2020

10 Wasuka wabulala amaFilisti kwaze kwakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni. USimakade wabapha ukunqoba okukhulu ngalolo lusuku. Abantu babuya, beza kuye, ukuze babuthe impango kuphela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 wasuka wabulala amaFilisti saze sakhathala isandla sakhe, isandla sakhe sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; abantu babuya emva kwakhe ukuba baphange kuphela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Wasukuma wawahlula amaFilisti, saze sakhathala isandla sakhe, sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; amadoda abuya emva kwakhe ukuyophanga kuphela.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 23:10
20 Referans Kwoze  

Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”


USawule wathi: “Namuhla makungabulawa muntu ngoba namuhla uSimakade nguye osindise u-Israyeli.”


Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uJesu uKhristu eyiNkosi, nathi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu.


ngokuba anginakuba nasibindi sokusho utho ngaphandle kwezinto uKhristu azenze ngami, kube ngukulalela kwabezizwe, ngezwi nangezenzo,


Ngalokho ngiyakuyabela indawo nabakhulu, iyakuhlukanisa impango nabanamandla, ngokuba yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; nokho yathwala izono zabaningi, yakhulekela aboni.


Nguye opha amakhosi insindiso, osindisa inceku yakhe, uDavide, enkembeni yababi.


NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla, Yena uyofihliza izitha zethu.


Amakhosi ahola izimpi acela empunzini, athi galo yephuka. Abesifazane abasekhaya babelana impango,


UNahamani, umkhuzi wempi yenkosi yase-Aramu, wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uSimakade wayenze ukuba i-Aramu linqobe ngaye, futhi wayeyiqhawe elinamandla, kodwa wayenochoko.


USimakade wamsindisa u-Israyeli ngalolo lusuku. Impi yalwa yaze yedlulela eBhethi Aveni.


UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”


Ngaleso sikhathi wayesomile kakhulu, wakhala kuSimakade wathi: “Wenze lokhu kukhululwa okukhulu ngesandla senceku yakho. Sengizakufa yini ukoma bese ngiwela ezandleni zabangasokile, na?”


Lapho efika eLehi, amaFilisti eza ukuzomhlangabeza ememeza; uMoya kaSimakade wehlela kuye, izintambo ezazisezingalweni zakhe zancibilikisa okwefilakisi lishiswa ngumlilo, izibopho ezazisezandleni zakhe zancibilika zasuka ezandleni zakhe.


USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye.


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


USimakade wabathela ngokudideka phambi kuka-Israyeli, owacekela phansi abaningi eGibheyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBhethi Horoni, wabacekela phansi ngenkemba kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.


kodwa yena wema phakathi nesiqinti, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uSimakade wamnika okukhulu ukunqoba.


Wayekanye noDavide ePhasi Damimi, ngesikhathi kubuthana amaFilisti lapho ukuyokulwa nabo. Kwakukhona isiqinti sezwe esasigcwele ibhali. Abantu babebalekile phambi kwamaFilisti.


Abantu bakwa-Israyeli babuya ekuxosheni amaFilisti, baphanga inkambu yawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite