Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 23:1 - IsiZulu 2020

1 Lawa ngamazwi kaDavide okugcina. “Amazwi okugcina kaDavide, indodana kaJese, umuntu owaphakanyiswa nguNkulunkulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu ka-Jakobe, nomhlabeleli wezingoma ezimnandi kwa-Israyeli, uthi:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lawa angamazwi okugcina kaDavide. “UDavide indodana kaJese uthi, umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi, ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe nomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lawa angamazwi okugcina kaDavide. Wathi uDavide, indodana kaJese, umuntu waphakama phezulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe, nomhubi omnandi ka-Israyeli, wathi:

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 23:1
25 Referans Kwoze  

Ngiyifumene inceku yami, uDavide, ngayigcoba ngamafutha ami angcwele.


Izwi likaKhristu malihlale kini njalo, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, ngezihlabelelo nangamaculo okomoya; nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi engawakhuluma ngisenani, ngathi: ‘Kumele ukuba kugcwaliseke konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, kubaphrofethi, nasemaHubweni.’ ”


Bacula amaculo ngohambu, benze izimfijoli njengoDavide.


Lesi yisiphetho semikhuleko kaDavide indodana kaJese.


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


Mhlabeleleni, nimhubele, nikhulume ngazo zonke izimangaliso zakhe.


Ngalolo lusuku uDavide waqala ukuhlela ukuba uSimakade abongwe, kuhola u-Asafa nabafowabo.


Abamelana noSimakade bayakuphahlazwa; uyakuduma phezu kwabo esezulwini. USimakade uyakwehlulela amajukujuku omhlaba, aphe inkosi yakhe amandla, ogcotshiweyo wakhe amphakamise.”


Ukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke. Ukhona onamileyo na? Makahube.


Ngokuba uDavide uqobo, uthi eNcwadini yaMahubo: “ ‘INkosi yathi eNkosini yami, hlala ngakwesokunene sami,


Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantu bakwa-Israyeli, engakafi;


UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Buthanani ukuze nginitshele okuzonehlela ezinsukwini ezizayo.


UDavide wayeyindodana yomEfrathi waseBhethlehema Juda, ogama lakhe kunguJese. UJese wayenamadodana ayisishiyagalombili; wayesengumuntu omdala ngesikhathi sikaSawule.


Abesifazane bahlabelela bedlalisela, bethi: “USawule ubulele izinkulungwane zakhe, kodwa uDavide izinkulungwane zakhe ezilishumi.”


Yena wenza izinyawo zami zibe njengezendlunzelakazi, angimise ezindaweni eziphakemeyo.


Uyenza insindiso ibe nkulu kakhulu enkosini; umenzele umusa uDavide, ogcotshiweyo wakho, nabozalo lwakhe, kuze kube phakade.”


Isandla sami siyakuba naye, simsimamise, ingalo yami imqinise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite