Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 22:51 - IsiZulu 2020

51 Uyenza insindiso ibe nkulu kakhulu enkosini; umenzele umusa uDavide, ogcotshiweyo wakho, nabozalo lwakhe, kuze kube phakade.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

51 Ungumbhoshongo wensindiso yenkosi yakhe, uhawukela ogcotshiweyo wakhe, kuDavide nakuyo inzalo yakhe kuze kube phakade.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 22:51
18 Referans Kwoze  

Nguye opha amakhosi insindiso, osindisa inceku yakhe, uDavide, enkembeni yababi.


Uzalo lwakhe ngiyolwenza lume kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi siyokuma, inqobo nje kusekhona isibhakabhaka.


Ngiyifumene inceku yami, uDavide, ngayigcoba ngamafutha ami angcwele.


Uyenza ibe nkulu insindiso enkosini, wenza isihe kogcotshiweyo wakhe, kuDavide nabozalo lwakhe kuze kube phakade.


Ingelosi yesikhombisa yabetha icilongo; kwase kuzwakala amazwi ahlokomayo ezulwini ethi: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKhristu wayo; iyakubusa kuze kube phakade naphakade.”


kodwa bayakukhonza uSimakade uNkulunkulu wabo, noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.


uyothi kuSimakade: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami, unguNkulunkulu wami engethembele kuye.”


Abozalo lwakhe bayakuma kuze kube phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibe njengelanga phambi kwami.


Uyakungibiza, athi: “UnguBaba, unguNkulunkulu wami nedwala lensindiso yami.”


UNkulunkulu uyaziwa ezigodlweni ukuthi uyinqaba.


Simakade, inkosi iyethaba ngamandla akho; ithokoza kakhulu ngokuyihlenga kwakho.


Kepha Wena Simakade uyisihlangu kimi, uludumo lwami nophakamisa ikhanda lami.


wathi: “USimakade uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami.


Ukwethembeka kwami nomusa wami kuyakuba naye, egameni lami luyakuphakama udumo lwakhe.


Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ”


Lawa ngamazwi kaDavide okugcina. “Amazwi okugcina kaDavide, indodana kaJese, umuntu owaphakanyiswa nguNkulunkulu, ogcotshiweyo kaNkulunkulu ka-Jakobe, nomhlabeleli wezingoma ezimnandi kwa-Israyeli, uthi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite