Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 22:48 - IsiZulu 2020

48 UNkulunkulu onginika impindiselo, othobise izizwe phansi kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

48 uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

48 UNkulunkulu ongiphindiselelayo, owehlisela abantu phansi kwami;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 22:48
11 Referans Kwoze  

umusa wami nenqaba yami, umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami, isihlangu sami, nengiphephela kuye, nothobisa izizwe phansi kwami.


Nkulunkulu ophindiselelayo, Simakade, Nkulunkulu ophindiselelayo, vela ukhanye.


Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe.


USimakade wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”


Bheka, kwase kufika umKhushe, wathi: “Ngilethe izindaba ezinhle enkosini, inkosi yami. USimakade ukuphindiselele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.”


U-Ahimahazi, indodana kaZadoki, wayesethi: “Ake ngigijime, ngiyobikela inkosi ukuthi uSimakade uyiphindiselele ezitheni zayo.”


UDavide wezwa ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makadunyiswe uSimakade omele indaba yehlazo lami lapho uNabali engihlazisa, ovimbele inceku yakhe ebubini, wabuyisela ububi bukaNabali kuye.” UDavide wathumela wakhuluma no-Abhigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.


Kuyothi lapho uSimakade esekwenzile konke okuhle enkosini yami njengoba ekhulumile ngawe, akumise ube ngumbusi kwa-Israyeli.


USimakade makehlulele phakathi kwami nawe; uSimakade angiphindiselele kuwe, kodwa isandla sami asiyukuba phezu kwakho.


Ikhanda lika-Ishi Bhoshethi baliyisa kuDavide eHebhroni, bathi enkosini: “Nanti ikhanda lesitha sakho u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, owayefuna ukuphila kwakho, kodwa uSimakade ukuphindiselele namuhla nkosi yami, nkosi, kuSawule nakulo uzalo lwakhe.”


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite