Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 22:4 - IsiZulu 2020

4 Ngimemeza uSimakade ofanele ukudunyiswa, ngisindiswe ezitheni zami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngiyakumbiza uJehova ofanele ukudunyiswa; ngakho ngizakhululwa ezitheni zami.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 22:4
20 Referans Kwoze  

Ngikhala kuSimakade omele ukudunyiswa, ngisindiswe ezitheni zami.


zithi ngezwi elikhulu: “Ifanele iMvana eyahlatshwa ukwemukela amandla, ingcebo, ukuhlakanipha, ukunqoba, udumo, inkazimulo, nesibusiso.”


ngokuba: “Bonke abakhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”


Ngokuba ubeke indlebe yakhe kimi, ngizokhuleka kuye ngisaphila.


Mkhulu uSimakade, udumisekile kakhulu, uyesabeka ngaphezu konkulunkulu bonke.


Mkhulu uSimakade, makadunyiswe emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.


“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”


Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaSimakade.


Ngiyophakamisa indebe yensindiso, ngilibize igama likaSimakade.


Ngase ngibiza igama likaSimakade, ngathi: “Ngiyakuncenga, Simakade, hlenga umphefumulo wami.”


Ngubani ongalanda ngezenzo zamandla kaSimakade, ezwakalise lonke udumo lwakhe na?


Hubelani udumo lwegama lakhe, nimnike udumo nimbonga.


Izitha zami bese zibuyela emuva mhla ngikhalayo, ngiyakwazi lokhu, ukuthi uNkulunkulu unami.


Kepha mina ngizokhala kuNkulunkulu uSimakade, uzongisindisa.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.


AbaLevi: uJeshuwa, uKadimiyeli, uBhani, uHashabhineya, uSherebhiya, uHodiya, uShebhaniya noPhethahiya, bama kwenye indawo ephakeme, bamemeza bathi: “Sukumani nidumise uSimakade uNkulunkulu wenu, kusukela phakade, kuze kube phakade.” “Malibongwe iGama lakho elidumisekayo neliphakeme phezu kwakho konke ukubonga nokudumisa.”


Kwathi ukuba baqale ukuhalalisa nokudumisa, uSimakade wababekela abazobalalela unyendle abakwa-Amoni, abakwa-Mowabi, nabasentabeni iSeyiri ababephumele ukumelana noJuda, banqotshwa bonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite