Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 22:33 - IsiZulu 2020

33 UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; indlela yami uyenza iqonde.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 UNkulunkulu uyangibhincisa amandla; uyenza indlela yami ilunge,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 UNkulunkulu ungamandla ami namandla, wenza indlela yami iphelele.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 22:33
19 Referans Kwoze  

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


Ungesabi, ngokuba Mina nginawe; ungabi naluvalo, ngokuba Mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


makanihlomise ngakho konke okuhle, ukuze nenze intando yakhe, enza kithina lokho okuthandekayo kuye ngoJesu Khristu; makube kuye inkazimulo, kuze kube phakade naphakade. Amen.


Kodwa yathi kimi: “Umusa wami ukwanele, ngokuba amandla ami ayapheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho-ke kunalokho ngiyakujabulela ukuzigabisa ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKhristu ahlale phezu kwami.


Ngiyakubaqinisa kuSimakade; bahambe egameni lakhe,” kusho uSimakade Wamabandla.


Babusisiwe abandlela iqotho, abahamba ngomthetho kaSimakade.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


wathi: “USimakade uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami.


USimakade ungamandla ami nesivikelo sami, uyinsindiso yami, lona nguNkulunkulu wami, ngizokumtusa, nguNkulunkulu kababa, ngizokumphakamisa.


Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba ukuze bahlale nami, ohamba endleleni engenacala, uyakungikhonza.


UNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami iphelele.


Kuyintokozo yini kuSomandla uma ulungile? Kunomvuzo yini kuye uma wenza izindlela zakho zibe msulwa na?


Mawungabi nacala kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Ngizohamba ngobuqotho, ngingabi nacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizohamba nginenhliziyo emsulwa endlini yami.


Ngizokubonisa, futhi ngikufundise indlela ozohamba ngayo; ngizobeka iso lami kuwe, ngikweluleke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite