Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 22:31 - IsiZulu 2020

31 Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaSimakade lihlanzekile; Yena uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 UNkulunkulu yena, indlela yakhe iphelele; izwi likaJehova lihloliwe; Uyisihlangu kubo bonke abamethembayo.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 22:31
18 Referans Kwoze  

“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.


“Wonke amazwi kaNkulunkulu ahloliwe; uyisihlangu kwabaphephela kuye.


Indlela yakho, Nkulunkulu, iphelele, izwi likaSimakade lihlanzekile, uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye.


Yibani ngabapheleleyo, njengalokhu noYihlo wasezulwini uphelele.”


Izwi lakho lihloliwe kakhulu, yingakho inceku yakho ilithanda.


Amazwi kaSimakade ahlanzekile, anjengesiliva elihlanzwe esithandweni somlilo, lahlanzwa kasikhombisa emhlabathini.


UNkulunkulu uyidwala lami engiphephela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami ephephileyo nesiphephelo sami; msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.


Thatha ihawu nesihlangu, usukume ungisize.


uyokusibekela ngezimpaphe zakhe, uphephele phansi kwamaphiko akhe, ukwethembeka kwakhe kuyisihlangu nogange.


Wena Nkulunkulu, Sihlangu sethu, bheka, ubuke ubuso bogcotshiweyo wakho.


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


Manje-ke, mina Nebukhadinezari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingubulungiswa; inamandla okubathobisa abahamba ngokuzidla.


Ngizakulanda ngesinqumo sikaSimakade, owathi kimi: “Wena uyindodana yami; namuhla ngikuzele.


Wayithola inhliziyo yakhe yethembekile kuwe, wenza isivumelwano naye, wethembisa ukwabela abozalo lwakhe izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaJebusi namaGirigashi, wakufeza owawukwethembisile ngokuba ulungile.”


“Ngalokho ngizweni, nina bantu abanokuqonda, makube kude noNkulunkulu ukuba enze inkohlakalo, nakuSomandla ukuba enze okungalungile.


USimakade ulungile ezindleleni zakhe zonke, unomusa emisebenzini yakhe yonke.


Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.


Ngasekugcineni kwezinsuku mina, Nebukhadinezari ngaphakamisela amehlo ami ezulwini, nomqondo wami wabuyela kimi, ngambonga oPhezukonke, ngamdumisa, ngamtusa yena ohlezi phakade. Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade, nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite