Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 22:29 - IsiZulu 2020

29 Wena Simakade uyisibani sami; uSimakade uyabuguqula ubumnyama bami bube ngukukhanya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Ngokuba wena uyisibani sami, Jehova; uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ngoba wena Jehova uyisibani sami, futhi uJehova uyokhanyisa ubumnyama bami.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 22:29
16 Referans Kwoze  

USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na?


Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu.


lapho isibani sakhe sasikhanya phezu kwekhanda lami, ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,


Ngize emhlabeni njengokukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.


Ngiyakubhekana nolaka lukaSimakade, ngokuba ngonile kuye, aze alumele udaba lwami, angenzele ubulungiswa, angikhiphele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.


Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.


Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?


Ukukhanya kukhanyisela olungileyo, nokujabula kwabanhliziyo ziqotho.


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu, uyilanga nesihlangu, uSimakade uyakupha umusa nodumo, akayukubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.


USimakade uNkulunkulu wami, ukhanyisa isibani sami, akhanyise ubumnyama bami.


Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


Kepha u-Abhishayi, indodana kaZeruya, wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Ngenxa yalokho abantu bakaDavide bafunga phambi kwakhe, bathi: “Awusayukubuye uphume impi nathi, ukuze ungasicimi isibani sakwa-Israyeli.”


“Kodwa kini enilesabayo iGama lami, kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo. Niyakuphuma, nitshakadule njengamathole esibayeni.


Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye vo ukuze uDavide, inceku yami, abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethe ukuba ngibeke iGama lami kuwo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite