Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 22:22 - IsiZulu 2020

22 Ngizigcinile izindlela zikaSimakade; angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova; angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angisukanga kuNkulunkulu wami ngobubi.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 22:22
15 Referans Kwoze  

“Ngakho-ke bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.


futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


Ubusisiwe wonke umuntu owesaba uSimakade, ohamba ngezindlela zakhe.


Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sibe msulwa, sahamba ngobuqotho bukaNkulunkulu emhlabeni, ikakhulu maqondana nani; asihambanga ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa ngomusa kaNkulunkulu.


Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.


nabafulathelayo beyeka ukulandela uSimakade, nalabo abangamfunanga uSimakade, abangabuzanga kuye.


kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Babusisiwe abandlela iqotho, abahamba ngomthetho kaSimakade.


Akusho ngomlomo wakhe wukona nenkohliso, ukuyekile ukwenza ukuhlakanipha nokwenza okuhle.


Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaSimakade naphambi kogcotshiweyo wakhe, ukuthi ngake ngathatha inkabi kabani, noma imbongolo kabani, ngubani engimqolile, ngicindezele bani futhi ngemukele ukufunjathiswa okuvela esandleni sikabani ukuze amehlo ami avalwe yikho na? Lokho ngiyakukubuyisela kini.”


UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuSimakade: “Ungawunaki neze umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo yabo, futhi angilimazanga namunye kubo.”


“Wena, uma nje uyakuhamba phambi kwami njengalokhu kuhambe uDavide, uyihlo, ngenhliziyo engenacala nangobuqotho, wenze konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezehlulelo zami,


Ngiyakuthanda, Simakade, ongamandla ami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite