Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 22:14 - IsiZulu 2020

14 USimakade waduma ezulwini; Ophezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UJehova waduma ezulwini, oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 22:14
12 Referans Kwoze  

Abamelana noSimakade bayakuphahlazwa; uyakuduma phezu kwabo esezulwini. USimakade uyakwehlulela amajukujuku omhlaba, aphe inkosi yakhe amandla, ogcotshiweyo wakhe amphakamise.”


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe. Kwaba khona imibani, ukuhlokoma kwamazwi, ukuduma, ukuzamazama komhlaba nesichotho esikhulu.


Umsindo wamaphiko amakherubhi wezwakala, kwaze kwaba segcekeni elingaphandle, njengezwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho ekhuluma.


USimakade uyokwenza izwi lakhe elimangalisayo lizwakale, enze ingalo yakhe ibonakale yehla ngolaka lwakhe oluvuthayo, nangelangabi lomlilo oqothulayo, nangesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.


Unengalo njengoNkulunkulu yini na? Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?


Kwathi uSamuweli esenza umnikelo wokushiswa, asondela amaFilisti ukuzolwa no-Israyeli. USimakade waduma ngezwi elikhulu ngalolo lusuku wamelana namaFilisti, wawafaka ukudideka, anqotshwa kanjalo ngu-Israyeli.


Izinkanyezi zalwa ezulwini, emizileni yazo zalwa noSisera.


Niyakuba ngumbuso wabaphristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi oyokuwakhuluma kubantu bakwa-Israyeli.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite