Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 21:7 - IsiZulu 2020

7 Inkosi nokho yamshiya uMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, ngenxa yesifungo kuSimakade abasenza esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani, indodana kaSawule.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani indodana kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 21:7
16 Referans Kwoze  

UJonathani, indodana kaSawule, yayinendodana elunyonga. Yayineminyaka emihlanu lapho kuzwakala izindaba ngoSawule noJonathani zivela eJizreyeli, ngakho-ke umzanyana wayo wayithatha, wabaleka nayo. Ngesikhathi ephuthuma ebaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo kwakunguMefibhoshethi.


Bobabili benza isivumelwano phambi kukaSimakade. UDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.


ungayeki ukwenzela abendlu yami ububele, ngisho noma uSimakade eseziqothule zonke izitha zikaDavide emhlabeni.”


UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba uJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuze indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kodwa uMefibhoshethi, indodana yenkosi yakho, uyakudla njalo etafuleni lami.” UZiba wayenamadodana ali-15 nezinceku ezingama-20.


Ngakho-ke yenzele isihawu inceku yakho, lokhu wenzile nayo isivumelwano sikaSimakade. Uma nginecala, ngibulale wena, uzongiyiselani kuyihlo na?”


UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sobabili sifunge igama likaSimakade, sathi: ‘USimakade uzokuba phakathi kwami nawe naphakathi kozalo lwami nozalo lwakho kuze kube phakade.’ ” Wayesesukuma uDavide, wahamba, uJonathani wangena emzini.


UJonathani waphinda wamfungisa mayelana nokumthanda kwakhe, ngokuba wayemthanda njengoba ezithanda yena.


Kwathi esefike eJerusalema ukuzohlangabeza inkosi, inkosi yathi kuye: “Awuhambanga ngani nami, Mefibhoshethi?”


Inkosi yathi kuZiba: “Uyabona-ke, konke obekungokukaMefibhoshethi sekungokwakho.” UZiba wayesethi: “Ngiyakhuleka ukuba ngifumane umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi.”


UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba ngiyakukwenzela impela umusa ngenxa kaJonathani, uyihlo; ngizokubuyisela lonke izwe likamkhulu wakho, uSawule; uyakudla njalo etafuleni lami.”


UJonathani wathi kuDavide: “Ngiyethembisa ngoSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuthi nxa ngimbuza ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, uma ekhuluma okuhle ngawe Davide, ngiyakuthumela kuwe ngikwazise.


UDavide wathi: “Usekhona yini osele endlini kaSawule ukuba ngimenzele umusa ngenxa kaJonathani na?”


Ngithi: gcina umyalo wenkosi, ngenxa yesifungo sikaNkulunkulu.


UDavide wafunga kuSawule. USawule wayesehamba, kodwa uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.


UMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, wafika kuDavide, wakhothama wathi mbo ngobuso. UDavide wathi: “Mefibhoshethi.” Wathi: “Inceku yakho ilapha.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite