Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 21:6 - IsiZulu 2020

6 Masinikwe yena nabantu abayisikhombisa bozalo lwakhe, sizobaphanyeka phambi kukaSimakade eGibheya likaSawule, okhethiweyo kaSimakade.” Inkosi yathi: “Ngizoninika bona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe, sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule, okhethiweyo kaJehova.” Inkosi yathi: “Ngiyakuninika bona.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Masinikwe amadoda ayisikhombisa emadodaneni akhe, siwalengise phambi kukaJehova eGibeya likaSawule uJehova alikhethileyo. Inkosi yasisithi: Ngizabanika.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 21:6
22 Referans Kwoze  

USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Niyambona lowo uSimakade amkhethileyo, ukuthi akekho onjengaye phakathi kwabantu bonke na?” Bonke abantu bakhamuluka bathi: “Mayime njalo inkosi!”


Izithunywa zafika eGibheya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi kubo bonke abantu. Bonke abantu badazuluka, bakhala.


USawule naye waya ekhaya eGibheya; amaqhawe ayethintwe nguNkulunkulu ezinhliziyweni zawo ahamba naye.


Kusukela lapho, bacela inkosi. UNkulunkulu wabanika uSawule, indodana kaKhishi, umuntu wesizwe sakwaBhenjamini, iminyaka engama-40.


Waziphonsa ethempelini izinhlamvu zesiliva, wahamba; esehambile, wazikhunga.


Nokho awazange athathe mpango.


“Ngiyaniyala ngithi: uma kukhona oyoguqula lo mthetho engiwushayile, kuyokhishwa ibhanuko emshayweni wendlu yakhe, ajojwe ngalo, umuzi wakhe ube ngumquba.


Umuntu othile wakubona lokho, watshela uJowabe, wathi kuye: “Bheka, ngibone u-Absalomu elenga emu-okhini.”


Kuthe lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi iseluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, wabuyela ekhaya, emzini wakhe. Wafika khona wahlela izindaba zomuzi wakhe, wayesezilengisa, wafa, wangcwatshwa ethuneni likayise.


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha wawuthela ekhanda likaSawule wayesemanga, wathi kuye: “USimakade akakugcobile yini ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?


Emveni kwalokho uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka ezihlahleni eziyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.


Inkosi yase-Ayi wayilengisa emthini kwaze kwaba kusihlwa. Ngokushona kwelanga uJoshuwa wayala ukuba basehlise isidumbu sayo emthini, basitshinge esangweni lomuzi, base bebeka inqwaba enkulu yamatshe phezu kwaso, esekhona nanamuhla.


“Uma umuntu onile efanelwe wukufa, uyobulawa, aphanyekwe emthini.


kodwa induna yababhakizinkwa wayiphanyeka, njengoba uJosefa ayebachazele amaphupho abo.


ezinsukwini ezintathu uFaro uzokunquma ikhanda, akuphanyeke esigxotsheni, izinyoni zezulu zidle inyama yakho.”


Ngakho-ke funga kimi ngoSimakade ukuthi awuyukulubhubhisa uzalo lwami, futhi awuyukulesula igama lami endlini kababa.”


Ngokuba bonke abendlu kababa kwakufanele ukuba bafe, kodwa inkosi yami yayibeka inceku yayo nalabo abadla etafuleni layo. Ngisenalungelo lini ukuba ngingabuye ngikhale enkosini na?”


UDavide wafunga kuSawule. USawule wayesehamba, kodwa uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.


inhloko kwakungu-Ahiyezeri noJowashi, ababengamadodana kaShemaha waseGibheya; uJeziyeli noPhelethi, amadodana ka-Azimavethi; uBherakha, uJehu wase-Anathothi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite