Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 21:17 - IsiZulu 2020

17 Kepha u-Abhishayi, indodana kaZeruya, wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Ngenxa yalokho abantu bakaDavide bafunga phambi kwakhe, bathi: “Awusayukubuye uphume impi nathi, ukuze ungasicimi isibani sakwa-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kodwa u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Khona-ke abantu bakaDavide bafunga kuye, bathi: “Awusayikuphinda uphume nathi empini, funa ucime ukukhanya kuka-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 21:17
14 Referans Kwoze  

Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye vo ukuze uDavide, inceku yami, abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethe ukuba ngibeke iGama lami kuwo.


Kepha abantu bathi: “Ngeke uphume nathi, ngokuba uma sibaleka abayukusilandela kangako, noma kungafa ingxenye yethu, abayukuyikhathalela. Kodwa wena ufana nezinkulungwane ezilishumi zethu kubo, ngakho-ke kungcono usisize usemzini.”


“Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.


Nokho ngenxa kaDavide, uSimakade uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuphakamisa indodana yakhe emva kwakhe, nangokuqinisa iJerusalema.


UJohane wayeyisibani esivuthayo nesikhanyisayo. Nina-ke nakhetha ukuzijabulisa okwesikhashana ekukhanyeni kwakhe.


Nguye opha amakhosi insindiso, osindisa inceku yakhe, uDavide, enkembeni yababi.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


Wena Simakade uyisibani sami; uSimakade uyabuguqula ubumnyama bami bube ngukukhanya.


Bangihlasela ngosuku engehlelwa ngalo yinhlekelele, kodwa uSimakade waba yinsika yami.


Manje umndeni wonke usuvukele incekukazi yakho; uthi: ‘Letha lowo owabulala umfowabo ukuba simbulale naye ngenxa yomphefumulo womfowabo, siyakuyibhubhisa indlalifa.’ Bayakulicima kanjalo-ke ilahle lami eliseleyo, bangabe besayishiyela indoda yami igama nensali ebusweni bomhlaba.”


UJohanani, indodana kaKhareya, wakhuluma ngasese kuGedaliya eMizpha, wathi: “Mangihambe ngiyombulala u-Ishmayeli, indodana kaNethaliya, akekho oyokwazi lokhu. Ufunelani ukukubulala, enze ukuba bonke abaJuda abaqoqene kuwe bahlakazeke, ibhubhe insali yakwaJuda na?”


UDavide wabehlukanisa amaqembu amathathu: elokuqala laliphethwe nguJowabe, elesibili liholwa ngu-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, elokugcina liphethwe ngu-Ithayi, umGithi. Inkosi yathi kubantu: “Nami impela ngizophuma nani.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite