Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 21:16 - IsiZulu 2020

16 U-Ishibhi Bhenobhi, omunye wamaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli ethusi angama-300, futhi ebhince inkemba entsha, wathi, uzakumbulala uDavide.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli* angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wathi uyakumbulala uDavide.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 U-Ishibhibenobi owayengowamadodana amaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wacabanga ukuthi ubulele uDavide.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 21:16
20 Referans Kwoze  

Kwabuye futhi kwaba khona impi eGathi, kwakukhona lapho umuntu owayengumdondoshiya, owayeneminwe eyisithupha esandleni ngasinye, enezinzwani eziyisithupha onyaweni ngalunye, kungama-24 kukonke; naye wayezalwa yiRefa.


Emveni kokuba sekwenzekile lokho, kwaba khona ukulwa namaFilisti eGobhi. Lapho uSibhekhayi, umHushathi, wabulala uSafi, omunye wamadodana amaRefa.


Bobane labo babezalwa ngamaRefa eGathi, kodwa bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.


AmaFilisti afika lapho, ayeseviva eSigodini samaRefa.


abantu abakhulu nabade, abozalo lwama-Anaki obaziyo, ozwile ngabo kuthiwa: ‘Ngubani ongema phambi kwabozalo luka-Anaki na?’


Ngu-Ogi kuphela, inkosi yaseBhashani, owasala ensalini yamaRefa. Bheka, ibhokisi lakhe lomngcwabo kwakungelensimbi, alitholakali yini eRabha labantu bakwa-Amoni na? Ubude balo bungamakhubhithi ayisishiyagalolunye, ububanzi balo bungamakhubhithi amane, ngokwesilinganiso.


abantu abakhulu, abaningi, nabade njengama-Anaki. USimakade wawabhubhisa bebuka, wawaphuca izwe lawo, kwase kwakha abakwa-Amoni endaweni yawo.


Kwakuhlala khona kuqala ama-Emithe, abantu abakhulu, abaningi, nabade njengama-Anaki.


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile ukuba izinhliziyo zethu ziphele amandla, ngokuba bathe: “Abantu balo banamandla, futhi bayimidondoshiya; imizi yakhona mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini, futhi sibone abozalo luka-Anaki khona.” ’


okuthe ngonyaka weshu-14, uKhedoloma namakhosi ayebambisene nawo bahlasela amaRefa e-Ashitherothi Karinayimu, amaZuzi eHamu, ama-Emi eShave Kiriyathayimi,


Ngalezo zinsuku nasemveni kwazo, kwaba khona iziqhwaga emhlabeni. Amadodana kaNkulunkulu alala namadodakazi abantu, awazalela abantwana. Baba ngamaqhawe asendulo, adumileyo.


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe.


Kodwa-ke abantu abakhe ezweni banamandla, imizi ibiyelwe, mikhulu kakhulu, futhi sibone nokuthi bayizizukulwane zika-Anaki.


UKhalebhu waxosha kuwo amadodana amathathu ka-Anaki: uSheshayi, u-Ahimani noThalimayi, ababeyizizukulwane zika-Anaki.


Nabo njengama-Anaki, kwakuthiwa ngamaRefa, kodwa abakwaMowabi babebabiza ngama-Emi.


Akusalanga noyedwa kuma-Anaki ezweni labakwa-Israyeli; kwasala kuphela ingxenye eGaza, eGathi, nase-Ashidodi.


Uthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; isihloko somkhonto sasingamashekeli ensimbi angama-600. Phambi kwakhe kwakuhamba ophethe isihlangu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite