Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 21:15 - IsiZulu 2020

15 Kwabuye kwaba khona ukulwa phakathi kwamaFilisti no-Israyeli. UDavide nezinceku zakhe behla, balwa namaFilisti. UDavide waphelelwa ngamandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 AmaFilisti abuye aphaka impi no-Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zinaye, balwa namaFilisti; uDavide waphela amandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngaphezu kwalokho, amaFilisti aphinda futhi alwa no-Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zilwa naye namaFilisti; uDavide wadinwa.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 21:15
14 Referans Kwoze  

Ngosuku lapho abalindi bendlu beyothuthumela, namadoda anamandla athothobale, nabasilayo beyoyeka ukugaya, ngoba sebeyingcosana, nabalunguza ngamafasitela bangabe besalunguza,


Ungangilahli ngesikhathi sobudala, ungangishiyi lapho sengiluphele,


Kwathi emveni kwaleso sehlakalo kwaqubuka impi phakathi kuka-Israyeli namaFilisti eGezeri. USibhekhayi, umHushathi, wabulala uSiphayi, enye yamadodana amaRefa; anqotshwa amaFilisti.


UDavide wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile, wawabhubhisa amaFilisti kusukela eGebha kuze kuyofika eGezeri.


AmaFilisti abuye enyuka futhi, afika aviva esigodini samaRefa.


AmaFilisti ezwa ukuthi uDavide ugcotshiwe waba yinkosi kwa-Israyeli, enyuka wonke ayomfuna. UDavide wezwa ngalokho, wayesehlela enqabeni.


Umzimba wami nenhliziyo yami kuyaphela, nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.


Nalapho sengimdala, sengiyimpunga, uze ungangishiyi, ukuze ngishumayele ubukhulu bakho kwabasazozalwa, namandla akho ezizukulwaneni.


U-Ishibhi Bhenobhi, omunye wamaRefa, osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli ethusi angama-300, futhi ebhince inkemba entsha, wathi, uzakumbulala uDavide.


Kwathi emveni kwalokho, uDavide wawashaya amaFilisti, wawanqoba, wadla ingxenye yenhlokomuzi yawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite