Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 21:12 - IsiZulu 2020

12 UDavide wawalanda amathambo kaSawule namathambo kaJonathani, indodana yakhe, kubantu baseJabeshi Gileyadi, ababewebe esigcawini eBhethi Shani, lapho babephanyekwe khona, mhla amaFilisti ebulala uSawule eGilibhowa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona, mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UDavide wahamba wawathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi eGileyadi, ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho amaFilisti ayebalengise khona, lapho amaFilisti enqoba uSawule eGilibowa.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 21:12
15 Referans Kwoze  

Phakathi kwelakwa-Isakhari nakwa-Asheri uManase wabelwa iBhethi Sheyani nemizana yalo, iJibheleyami nemizana yalo, izakhamuzi zaseDori nemizana yalo, ezase-Eni Dori nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, elesithathu yiNafathi.


AmaFilisti alwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli babaleka bexoshwa ngamaFilisti, abanye bawa begwaziwe entabeni iGilibhowa.


“Nina zintaba iGilibhowa, makungabi bikho mazolo namvula phezu kwenu, nasemasimini avundileyo, ngokuba kwangcoliswa lapho isihlangu samaqhawe, isihlangu sikaSawule singagcotshwanga ngamafutha.


Insizwa eyambikelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni iGilibhowa, ngaleso sikhathi uSawule wancika emkhontweni, ngokuba izinqola nabamahhashi babemxine kakhulu.


AmaFilisti alwa no-Israyeli. Abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, abanye babo bawa, basala enkundleni, entabeni iGilibhowa.


AmaFilisti abuthana, eza, akanisa eShunemi, noSawule waqoqa wonke u-Israyeli, wakanisa eGilibhowa.


Kwathi ngakusasa amaFilisti afika ezophanga ababuleweyo, amthola uSawule namadodana akhe befile entabeni iGilibhowa.


Impi yaba nzima kakhulu kuSawule; abacibayo bamfica esebuhlungwini obukhulu ngenxa yokugwazwa ngumcibisholo.


USawule wathi odibini lwakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa abangasokile bafike bangigwaze, bangijivaze.” Kepha udibi lwakhe lwenqaba, ngoba lwesaba kakhulu. USawule wayesethatha inkemba yakhe, waziphonsa phezu kwayo.


UDavide walandiswa ngalokho ukuthi uRizpha, indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni.


Wenyuka lapho namathambo kaSawule nakaJonathani indodana yakhe, base bewaqoqa namathambo alabo ababephanyekiwe.


Abantu bakwaJuda bafika, bamgcoba khona lapho uDavide ukuba abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Base bembikela bethi: “Ngabantu baseJabheshi Gileyadi abangcwabe uSawule.”


asuka wonke amadoda anamandla ayothatha isidumbu sikaSawule nezamadodana akhe, aziletha eJabheshi. Amathambo abo awambela phansi kwe-okhi eJabheshi, azila ukudla izinsuku eziyikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite