Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 20:6 - IsiZulu 2020

6 Wayesethi uDavide ku-Abhishayi: “USheba, indodana kaBhikhiri, izokwenza kithi umonakalo omkhulu kunalowo ka-Absalomu. Thatha izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa aze azitholele imizi ebiyelweyo, aphele emehlweni.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wayesethi uDavide ku-Abishayi: “Manje uSheba indodana kaBikri uyakwenza okubi kakhulu kithi kuno-Abisalomu; thatha wena izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa azitholele imizi ebiyelweyo, asiphunyuke.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UDavida wasesithi kuAbishayi: Khathesi uSeba, indodana kaBigi, uzasenzela okubi okwedlula uAbisalomu; thatha inceku zenkosi yakho, umsukele, ukuze angazithatheli imizi ebiyelweyo, siphunyuke.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 20:6
17 Referans Kwoze  

Inkosi yathi kubo: “Thathani izinceku zenkosi yenu nigibelise uSolomoni, indodana yami, umnyuzi wami, nimehlisele eGihoni.


Kepha u-Abhishayi, indodana kaZeruya, wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Ngenxa yalokho abantu bakaDavide bafunga phambi kwakhe, bathi: “Awusayukubuye uphume impi nathi, ukuze ungasicimi isibani sakwa-Israyeli.”


U-Uriya wathi kuDavide: “Umphongolo, u-Israyeli, noJuda bahlezi emadokodweni. Inkosi yami, uJowabe nezinceku zenkosi yami, bakanise endle. Pho mina ngingangena kanjani endlini yami, ngidle, ngiphuze, ngilale nomkami na? Ngifunga ngiyagomela phambi kwakho, angisoze ngakwenza lokho.”


U-Abhishayi, indodana kaZeruya, wabulala abakwa-Edomi abayizi-18 000 eSigodini Sikasawoti.


U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, wayeyinhloko yalaba abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu.


U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, indodana kaZeruya, wayeyinhloko yalabo abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu.


Ngakho-ke sukuma, uphume manje uyokhuluma kahle ezincekwini zakho, ngokuba ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade ngithi, uma ungaphumi, akukho muntu ozosala ngakuwe ngalobu busuku. Lokhu kuzokuba kubi kuwe, kwedlule konke okubi osekwake kwakwehlela kusukela ebusheni bakho kuze kube namuhla.”


Lowo muntu wathi kuJowabe: “Noma ngabe bengizokhokhelwa izinhlamvu zesiliva eziyinkulungwane esandleni sami, nokho bengingeke ngibeke isandla sami endodaneni yenkosi, ngokuba sizwile ngezindlebe zethu inkosi ikuyala wena no-Abhishayi no-Ithayi, ithi: ‘Yilondeni insizwa u-Absalomu.’


UDavide wabehlukanisa amaqembu amathathu: elokuqala laliphethwe nguJowabe, elesibili liholwa ngu-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, elokugcina liphethwe ngu-Ithayi, umGithi. Inkosi yathi kubantu: “Nami impela ngizophuma nani.”


Lapho abakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, nabo babaleka phambi kuka-Abhishayi, bangena emzini. UJowabe wabuya kwa-Amoni, waya eJerusalema.


Nami ngibuthakathaka namuhla nakuba ngigcotshiwe ukuba ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaZeruya, abalawuleki; uSimakade makaphindisele kulowo owenza okubi njengokwenza kwakhe okubi.”


UJowabe no-Abhishayi, umfowabo, bambulala u-Abhineri, ngoba wayebulele umfowabo, u-Asaheli, empini eGibheyoni.


Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaZeruya, uJowabe, u-Abhishayi no-Asaheli. U-Asaheli wayewunyazi egijimisa okwensephe endle.


UDavide wakhuluma ku-Ahimelekhi, umHethi, naku-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, wathi: “Ngubani ozokwehla nami siye kuSawule enkanjini na?” U-Abhishayi wathi: “Ngizokwehla nawe.”


“Sisahlaleleni na? Buthanani, masingene emizini ebiyelweyo, ukuze sibhubhele lapho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu, usinqumele ukubhujiswa, usiphuzise amanzi anobuthi, ngokuba sonile kuSimakade.


Uma umbuso wehlukene wodwa, awusoze wema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite