Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 20:22 - IsiZulu 2020

22 Owesifazane waya kubantu, wabatshela ngecebo lakhe eliphusile, nempela balinquma ikhanda likaSheba, indodana kaBhikhiri, baliphonsa ngaphandle kuJowabe. UJowabe wayesebetha icilongo, abantu bahlakazeka bawushiya umuzi, babuyela emathendeni abo. UJowabe waphindela enkosini eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke. Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhanda, baliphonsa kuJowabe. Yena wabetha icilongo, bahlakazeka kulowo muzi, baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Owesifazana wasesiya ebantwini bonke ngokuhlakanipha kwakhe. Balinquma ikhanda likaSheba, indodana kaBigi, baliphonsa kuJowabe. Wabetha icilongo, basuka emzini, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 20:22
10 Referans Kwoze  

Ukuhlakanipha kuletha amandla kumuntu ohlakaniphile, edlule ababusi abalishumi abasemzini.


Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”


Ngenxa yobubi obenziwa bungehlulelwa masinyane, izinhliziyo zabantu ngaphakathi zigcwele ukwenza okubi.


Kwase kumemeza owesifazane ohlakaniphileyo emzini, wathi: “Lalelani! Lalelani! Yishoni kuJowabe nithi: ‘Sondela lapho ukuba ngikhulume nawe.’ ”


UJowabe wayesebetha icilongo, abantu babuya ekuxosheni u-Israyeli, ngokuba uJowabe wababamba abantu.


UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bama, ababe besabahubha abakwa-Israyeli, futhi ababange besalwa.


Bamthatha u-Absalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba yamatshe enkulu kakhulu; bonke abakwa-Israyeli, yilowo nalowo, wabalekela ethendeni lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite