Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 20:2 - IsiZulu 2020

2 Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka, ababe besamlandela uDavide, base belandela uSheba, indodana kaBhikhiri. Abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kufike eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bonke abantu bakwa-Israyeli base benyuka bengasamlandeli uDavide, bamlandela uSheba indodana kaBikri; kepha abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka besuka kuDavide, balandela uSheba indodana kaBigi; kepha abantu bakwaJuda banamathela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 20:2
12 Referans Kwoze  

Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.


Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.


Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.


Kepha uRehobhowamu wabusa phezu kwabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababakhe emizini yakwaJuda.


Inkosi yayisibuya, yafika eJordani, uJuda wafika eGiligali ukuzohlangabeza inkosi, nokuba ayiwelise iJordani.


Kwakukhona umuntu ongalungile, ogama lakhe kunguSheba, indodana kaBhikhiri, umBhenjamini. Wasuka wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; hambani nonke niye emathendeni enu, Israyeli.”


UDavide wafika esigodlweni sakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abalishumi, abayizancinza zayo, eyayibashiyile ukuba banakekele isigodlo, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayilalanga nabo. Bavalelwa kwaze kwaba lusuku lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.


Akusiyo inhloso yami leyo. Kepha indoda yakwelezintaba kwa-Efrayimi, egama layo nguSheba, indodana kaBhikhiri, ivukele inkosi uDavide; nginikeni yona kuphela ukuze ngihambe ngiwushiye umuzi.” Owesifazane wathi kuJowabe: “Uyabona-ke, ikhanda lakhe lizophonswa kuwe ngaphandle kogange.”


Kwathi lapho u-Israyeli wonke esezwile ukuthi uJerobhowamu ubuyile, bathumela bambizela enhlanganweni, base bembeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke. Kwakungekho muntu omunye owalandela indlu kaDavide, ngaphandle kwesizwana sakwaJuda kuphela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite