Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 20:19 - IsiZulu 2020

19 Mina ngingowokuthula nothembekile kwa-Israyeli. Kungani ufuna ukubhubhisa umuzi ongunina ka-Israyeli na? Yini ufune ukudla ifa likaSimakade na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngingomunye wabathanda ukuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; nifuna umuzi nomama kwa-Israyeli; Niyakushwabadelani ifa likaJehova na?

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 20:19
29 Referans Kwoze  

Ngakho-ke inkosi yami, inkosi uSawule, mayizwe amazwi enceku yayo. Uma kunguSimakade okwenza ukuba umelane nami, makawamukele umnikelo, kodwa uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaSimakade, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingabi nenhlanganyelo efeni likaSimakade, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


UDavide wathi kwabaseGibheyoni: “Yini enginganenzela yona, futhi ngingenza kanjani ukuba sithelelane amanzi ukuze nilibusise ifa likaSimakade na?”


amakhosi nazo zonke iziphathimandla, ukuze sihlale kahle ngokuthula, ngokwesaba uNkulunkulu, nangakho konke ukuhlonipheka.


Ngakho-ke phuthumani nithumele kuDavide, nimbikele nithi: ‘Ungahlali ngasemazibukweni ehlane ngalobu busuku; wela nokuwela, funa inkosi ibhujiswe nabo bonke abantu abanayo lapho.’ ”


Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo siyabubula, siyasindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa, kodwa ukwembathiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila.


Kepha lapho okubolayo sekwembethe ukungaboli, nokufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo, elithi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”


Zonke izitha zakho ziyakuhleka, ziyakubhuqa; zikugedlela amazinyo, zithi: “Siligwinyile, impela yilona lolu suku obekukade silulindele, manje silutholile, silubonile.”


INkosi yaphenduka yanjengesitha, yambhubhisa u-Israyeli, yachitha zonke izigodlo zakhe, yabhidliza izinqaba zakhe, yandisa ukukhala nokulila endodakazini uJuda.


INkosi izibhubhise ngokungenaluzwelo, zonke izindawo okuhlala kuzo uJakobe. Ngentukuthelo yayo, izibhidlizile izigqaba zendodakazi uJuda, yaqumba phansi emhlabathini umbuso, nababusi yabathela ngehlazo.


Ngiyakujezisa uBheli eBhabhele, ngikukhiphe emlonyeni wakhe lokhu akugwinyileyo; izizwe azisayukugobhozela kuye, ugange lwaseBhabhele luyakuwa.


UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrago; ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangiphalaza.


ngabe sebesigwinyile, ekuvutheni kolaka lwabo kithina.


Imizi yakwa-Israyeli yama ingenamuntu, Debhora, kwaze kwafika wena, wafika njengonina ku-Israyeli.


Ngokuba isabelo sikaSimakade singabantu bakhe. UJakobe uyisifunda sefa lakhe.


Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya noKhora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo wasobozela khona amadoda angama-250, aba yisixwayiso.


Umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo; nabo bonke abantu bakaKhora nempahla yabo yonke.


U-Abhrahama wasondela kuye wathi: “Ngabe uzoqotha imbokodo nesisekelo yini kwabalungileyo nababi na?


“Kuyothi lapho ususondele emzini oyolwa nawo, umemezele ukuthula kuwo.


Inkosi iyokuzwa, iyihlenge incekukazi yayo esandleni somuntu ofuna ukubhubhisa mina nendodana yami efeni, uNkulunkulu asabele lona.’


Wayesethi owesifazane: “Emandulo babevame ukuthi: ‘Kuyakubuzwa nokubuzwa e-Abhela.’ Bese beyiqeda indaba.


UJowabe waphendula, wathi: “Makungenzeki, angingabi naso nesifiso sokuba ngidle noma ngibhubhise.


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha wawuthela ekhanda likaSawule wayesemanga, wathi kuye: “USimakade akakugcobile yini ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?


Ngokuba Wena wazehlukanisela bona phakathi kwazo zonke izizwe zomhlaba, ukuba babe yifa lakho, njengalokho wawukhulumile ngesandla sikaMose, inceku yakho, ngesikhathi ukhipha okhokho bethu eGibhithe, Nkosi Simakade.”


Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso unguSimakade, isizwe azikhethele sona saba yifa lakhe.


Wayeselandela izimvukazi ezenyisayo, yamthatha ukuba eluse abantu bayo, uJakobe nefa layo, u-Israyeli.


ukuze ngibone impumelelo yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite