Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 20:15 - IsiZulu 2020

15 Impi kaJowabe yafika yavimbezela i-Abheli eBhethi Mahakha. Benza indunduma ngasodongeni, ababezohlasela umuzi bekuyo. Ibutho likaJowabe lashaya ugange ukuze luwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Bafika bamvimbezela e-Abela laseBeti Mahakha, banqwabela iduli ngasemzini elema ngasodongeni; abantu bonke ababe noJowabe babhidliza ugange ukuba luwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Bafika bamvimbezela e-Abela laseBeti-Maga, bawufumbela igoqo lokuvikela umuzi, wema emseleni; bonke abantu ababenoJowabe balubhidliza ugange ukuze ulubhidlize.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 20:15
11 Referans Kwoze  

“Ngalokho usho kanje uSimakade enkosini yase-Asiriya, uthi: “ ‘Ayiyukungena kulo muzi, ayiyukucibishela mcibisholo khona; ayiyukubhekisa kuwo isihlangu, ayiyukunqwabela iduli kuwo.


“Bheka, kwenziwe izindunduma zokuhlasela ukuze kudliwe umuzi; nalo muzi ubhekene nenkemba, nendlala nobhubhane, unikelwe esandleni samaKhaledi alwa nawo. Owakusho sekwenzekile, njengoba uzibonela nje.


Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku lapho izitha zakho ziyakwakha ugange, zikuhaqe, zikuvimbezele macala wonke.


Uyokwakha khona okokuvimbezela, wakhe udonga lokuvimbezela, wenze khona indunduma, umise izinkambu eduze kwawo, ubeke kuyo imigoqo yokubhidliza nxazonke.


Ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezigodlo zamakhosi akwaJuda ezidiliziwe ukuze kwakhiwe indunduma yokuvikela ekuhlaselweni nasenkembeni, uthi:


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Gawulani imithi yalo, ninqwabele indunduma ngakulo iJerusalema. Umuzi wonke uyojeziswa, ngayo yonke ingcindezelo ephakathi kwawo.


“Ngalokho usho kanje uSimakade ngenkosi yase-Asiriya, uthi: “Ayiyukuza kulo muzi, ayiyukucibishela mcibisholo kuwo, ayiyukuza kuwo iphethe isihlangu, noma yenze kuwo izindunduma zokuhlasela.


Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.


UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe ukuba bayohlasela imizi yakwa-Israyeli. Wanqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Bhethi Mahakha, lonke iKhinerothi, nalo lonke izwe lakwaNafethali.


USheba wadabula ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli, waze wayofika e-Abhela, eBhethi Mahakha, nakuwo wonke amaBheri, nakhona babuthana bamhubha.


Kwakukhona umuzi omncane owawunabantu abayingcosana; kwase kufika inkosi enkulu yawuhlasela, yawuvimbezela, yakha izindunduma ezinkulu zokuhlasela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite