Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 2:7 - IsiZulu 2020

7 Manje-ke maziqine izandla zenu, nime isibindi, ngokuba uSawule, inkosi yenu, usekhotheme. Indlu yakwaJuda ingigcobile ukuba ngibe yinkosi yayo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngalokho maziqine izandla zenu, nibe nesibindi, ngokuba uSawule inkosi yenu ufile; indlu yakwaJuda ingigcobile ngibe yinkosi yayo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Manje izandla zenu maziqiniswe, zibe nesibindi, ngokuba inkosi yenu uSawule ifile, nendlu yakwaJuda nayo ingigcobile ngibe yinkosi phezu kwayo.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 2:7
12 Referans Kwoze  

Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Qina, masisebenzise amandla ethu ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uSimakade makenze okuhle emehlweni akhe.”


kwasuka wonke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe ogangeni eBhethi Shani, ahamba nazo, afika eJabeshi azishisela khona.


Kwathi ukuba abantu bakwa-Israyeli ababephesheya kwesigodi nalabo ababengaphesheya kweJordani, babone ukuthi abantu bakwa-Israyeli bayabaleka, nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka. AmaFilisti afika, ahlala kuyo.


Qinani nibe ngamadoda nina maFilisti ukuze ningabi yizigqila zamaHebheru, njengoba ebeyizigqila zenu. Yibani ngamadoda, nilwe!”


Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Lindani, nime niqinile ekukholweni, nime isibindi, nibe namandla.


Manje sengathi uSimakade anganenzela isihawu nokwethembeka, nami ngizonenzela okuhle ngenxa yalokhu enikwenzileyo.


U-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi kaSawule wayesethathe u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi,


Ngabatshela ukuthi isandla esihle sikaNkulunkulu wami sibe nami kanjani, nangamazwi inkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisukume sakhe.” Base bewuqala ngentshisekelo umsebenzi.


Kwase kufika wonke amalunga akwa-Israyeli enkosini uDavide eHebhroni. Inkosi uDavide yenza nawo isivumelwano eHebhroni phambi kukaSimakade, ayesemgcoba ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli.


UJehoyada wayeseyikhipha indodana yenkosi, wayethwesa umqhele, wayinika ubufakazi, base beyibeka ukuba ibe yinkosi, bayigcoba, bashaya ihlombe behalalisa, bethi: “Mana njalo, nkosi!”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite