Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 2:26 - IsiZulu 2020

26 U-Abhineri wayesememeza uJowabe, wathi: “Inkemba iyakubhubhisa njalo njalo yini na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni? Kuyoze kube nini ngaphambi kokuba ubayale abantu ukuba babuye ekuhubheni abafowabo na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 U-Abineri wayesememeza kuJowabe, wathi: “Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 U-Abineri wayesembiza uJowabe, wathi: “Inkemba izophela kuze kube phakade na? Anazi yini ukuthi ekugcineni kuyoba umunyu? koze kube nini ungayaleli abantu ukuba babuye ekulandeleni abafowabo na?

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 2:26
17 Referans Kwoze  

“Memezelani eGibhithe, nimemezele eMigidoli; yenzani isimemezelo eNofi naseThahiphanesi, nithi: ‘Sukumani, nime ngomumo, ngokuba inkemba izodla nxazonke zakho.’


Ngakusasa wafica abakubo belwa, wazama ukubalamula, ukuze babuyisane, wathi: ‘Madoda, nina ningabandawonye, pho kungani nilimazana na?’


Lolu lusuku lweNkosi uSimakade Wamabandla; usuku lokuphindisela, nolokuziphindiselela ezitheni zakhe. Inkemba iyakudla yesuthe, iyakuzanelisa ngegazi labo, ngokuba iNkosi uSimakade Wamabandla inomhlatshelo enyakatho, ngasemfuleni iYufrathe.


Inkemba iyophenduphenduka idle lubi emizini yabo, ishabalalise imigoqo yabo, ibashwabadele ngenxa yamaqhinga abo.


Ababhubhisi batheleke bevela kuzo zonke izindawo eziphakemeyo, ezingamaqwaqwasi ehlane; inkemba kaSimakade iyabhubhisa, kusukela kulo mkhawulo womhlaba kuya komunye, akukho ukuthula kubantu.


Kuyoze kube nini ngibona ibhanela, ngizwa umsindo wecilongo na?


“Abantwana benu ngibashayele ize, abakwemukelanga ukuyalwa. Inkemba yenu idle abaphrofethi benu njengengonyama ebhubhisayo.


Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka, niyodliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.


Madodana abantu, kuyoze kube nini nithunaza isithunzi sami na? Kuyoze kube nini nithanda okuyize, nifuna okungamanga na? Sela


“Kuyoze kube nini nihlupha umphefumulo wami, ningihlifiza ngamazwi na?


“Uyokuyeka nini lokhu kukhuluma na? Ake ucabangisise, bese siyakhuluma.


UDavide wayesethi esithunyweni: “Ubofike uthi kuJowabe: ‘Le nto mayingabi ngembi emehlweni akho, ngokuba inkemba idla omunye njengoba yenza nakomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwubhubhise,’ bese umqunga isibindi uJowabe.”


Zabambana ngezihluthu, yileyo naleyo yagwaza enye ohlangothini, zawa kanyekanye. Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiHelikhathi Hazurimi, iseGibheyoni.


U-Abhineri wathi kuJowabe: “Ake zisukume izinsizwa, zizwane amandla phambi kwethu.” UJowabe wathi: “Mazisukume.”


Abantu bakwaBhenjamini babuthana emva kuka-Abhineri, baba liviyo elilodwa; bama esiqongweni segquma elithile.


UJowabe wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, ukuba ubungakhulumanga, abantu bonke bebeyobe sebekuyekile kusasa ukuhubha abafowabo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite