Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 2:16 - IsiZulu 2020

16 Zabambana ngezihluthu, yileyo naleyo yagwaza enye ohlangothini, zawa kanyekanye. Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiHelikhathi Hazurimi, iseGibheyoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Zabambana ngekhanda, zagwaza ngenkemba ohlangothini lwezimelene nazo, zawa kanyekanye; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hasurimi eliseGibeyoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Futhi babamba yilowo nalowo umngane wakhe ngekhanda futhi wamgwaza inkemba yakhe ohlangothini lwakhe; ngalokho bawa phansi kanyekanye. Ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hassurimi eseGibeyoni.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 2:16
7 Referans Kwoze  

U-Abhineri wathi kuJowabe: “Ake zisukume izinsizwa, zizwane amandla phambi kwethu.” UJowabe wathi: “Mazisukume.”


Zase zisukuma zaphumela eshashalazini, zabalwa zaze zaba li-12 ohlangothini luka-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule wakwaBhenjamini, zaba li-12 ezincekwini zikaDavide.


Impi yayinzima kakhulu ngalolo lusuku; u-Abhineri namadoda akwa-Israyeli behlulwa yizinceku zikaDavide.


Umngcele wabo kwakuyiHelikhathi, iHali, iBhetheni, i-Akhishafu,


U-Abhineri wayesememeza uJowabe, wathi: “Inkemba iyakubhubhisa njalo njalo yini na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni? Kuyoze kube nini ngaphambi kokuba ubayale abantu ukuba babuye ekuhubheni abafowabo na?”


Kwaba yilowo nalowo wabulala owakhe umuntu. Ama-Aramu abaleka, u-Israyeli wawahubha, kodwa uBheni Hadadi, inkosi yama-Aramu, waphunyuka egibele ihhashi ekanye nabamahhashi bakhe.


Lokho kwaziwa yibo bonke abakhe eJerusalema, yaze leyo nsimu yaqanjwa igama ngolimi lwakubo, kwathiwa i-Akheldama, okusho ukuthi iNsimu Yegazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite