Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 2:13 - IsiZulu 2020

13 UJowabe, indodana kaZeruya nezinceku zikaDavide, baphuma, bahlangana nabo ngasechibini eGibheyoni. Bahlala phansi, abanye ngakulolu hlangothi lwechibi, abanye bahlala ngakolunye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi, abanye ngalapha kwechibi, abanye ngalapho kwechibi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma, bahlangana echibini laseGibeyoni; bahlala phansi, omunye engapha kokugeza omunye engapha kokugeza.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 2:13
13 Referans Kwoze  

odadewabo: kwakunguZeruya no-Abhigayili. Amadodana kaZeruya: u-Abhishayi, uJowabe no-Asaheli, ayemathathu.


UJowabe, indodana kaZeruya, wayengumkhuzi wempi; uJehoshafathi, indodana ka-Ahiludi, engumabhalane;


baqoqa wonke amadoda, bahamba bayokulwa no-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, bamthola ngasemanzini amaningi aseGibheyoni.


UDavide wathi: “Lowo muntu oyohlabana kuqala, abulale umJebusi, nguye ozokuba yinhloko nenduna.” UJowabe, indodana kaZeruya, wenyuka kuqala, wawudla umhlanganiso, wabe eseba yinhloko.


Abantu ababemlandela, bemsiza futhi ecebisana nabo u-Adoniya, kwakunguJowabe, indodana kaZeruya no-Abhiyathara, umphristi.


UJowabe wayesengumkhuzi wayo yonke impi yakwa-Israyeli. UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayengamele amaKherethi namaPhelethi.


Kwakukhona lapho amadodana amathathu kaZeruya, uJowabe, u-Abhishayi no-Asaheli. U-Asaheli wayewunyazi egijimisa okwensephe endle.


Kwathi sebeseduze netshe elikhulu eliseGibheyoni, u-Amasa weza ukuzobahlangabeza. UJowabe wayegqoke isembatho sakhe sempi, ayehlale esigqoka. Kuboshelwe kuso ibhande elinenkemba emgodleni wayo, elibhince okhalo. Ngesikhathi eza phambili, inkemba yawa.


“Phezu kwalokho, uyazi ukuthi uJowabe, indodana kaZeruya, wenzani kimi, nokuthi wabaphatha kanjani abakhuzi ababili bempi ka-Israyeli; u-Abhineri, indodana kaNeri, no-Amasa, indodana kaJetheri, ababulalayo, wachitha igazi ngokulwa ngesikhathi sokuthula. Wabheca igazi lokulwa ebhandeni lakhe elalisokhalo, nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.


UDavide wakhuluma ku-Ahimelekhi, umHethi, naku-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, wathi: “Ngubani ozokwehla nami siye kuSawule enkanjini na?” U-Abhishayi wathi: “Ngizokwehla nawe.”


Phakathi kwabangama-30 kwakungu-Asaheli, umfowabo kaJowabe, u-Elihanani, indodana kaDodo waseBhethlehema,


Owayengamele isigaba sesine esasingena ngenyanga yesine kwakungu-Asaheli, umfowabo kaJowabe, elekelelana nendodana yakhe, uZebadiya. Esigabeni sakhe kwakukhona abayizi-24 000.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite