Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 19:5 - IsiZulu 2020

5 UJowabe wangena endlini yenkosi, wathi kuyo: “Namuhla uzidumazile izinhliziyo zazo zonke izinceku zakho ezisindise ukuphila kwakho ngalolu lusuku, nokuphila kwamadodana namadodakazi akho, abafazi bakho nezancinza zakho,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJowabe wangena endlini enkosini, wathi: “Udumazile namuhla ubuso bazo zonke izinceku zakho ezisindisile ukuphila kwakho namuhla, nokuphila kwamadodana akho namadodakazi akho, nokuphila kwabafazi bakho, nokuphila kwezancinza zakho

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJowabe wayesengena endlini enkosini, wathi: “Ubujabhisile namuhla ubuso bezinceku zakho zonke ezisindisile ukuphila kwakho namuhla, nokuphila kwamadodana akho, namadodakazi akho, nokuphila kwawomkakho”, nokuphila kwezancinza zakho;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 19:5
9 Referans Kwoze  

Insindiso ingekaSimakade; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela


Wawusubanikela ezitheni zabo ukuba zibacindezele. Kepha lapho sebesenhluphekweni, bakhala kuwe, wabezwa usezulwini, ngesihawu sakho esikhulu, wabanika abakhululi ukubakhulula ezitheni zabo.


Nami ngibuthakathaka namuhla nakuba ngigcotshiwe ukuba ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaZeruya, abalawuleki; uSimakade makaphindisele kulowo owenza okubi njengokwenza kwakhe okubi.”


Inkosi yamboza ubuso, yakhala ngezwi elikhulu, yathi: “Hawu, ngendodana yami, u-Absalomu, Absalomu, ndodana yami, ndodana yami!”


ngokuba uthande abakuzondayo, wazonda abakuthandayo. Ukwenze kwacaca namuhla ukuthi izikhulu nezinceku azilutho kuwe. Lokhu ngiyabona namuhla ukuthi ukuba u-Absalomu ubephilile, thina sonke safa namuhla, ngabe kulungile emehlweni akho.


“Niyakuthi ku-Amasa: ‘Awusilo yini wena ithambo lami nenyama yami na? UNkulunkulu makenze kimi noma yini, uma wena kusukela manje, ungeke ube ngumkhuzi wempi yami esikhundleni sikaJowabe.’ ”


UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yemihlwathi, wenyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engafake zicathulo. Bonke abantu ababenaye bagubuzela, yilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka bekhala.


Bamthatha u-Absalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba yamatshe enkulu kakhulu; bonke abakwa-Israyeli, yilowo nalowo, wabalekela ethendeni lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite